Ubulawe yishende maqede lazibulala phambi kwezingane

2017-06-05 12:30

Durban - Isihluku ishende ligasela emqashweni womfazi womuntu ebelijola naye lamdubula amahlandla amane ekhanda phambi kwezingane zakhe ezintathu ngaphambi kokuba libhekise umbhobho wesibhamu ngakulona, lazingqokloza ekhanda lafa ngoLwesihlanu eJozini, eNyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal.

Lesi sehlakalo esenzeke kulo mqasho ohlala izinhlanga ezahlukene, sethuse abaningi kule ndawo.

ILANGA lifike endaweni yesigameko kugobhoza igazi, isidumbu sikaZama Mathenjwa, uMaSishi, 31, obeganele eShowe, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, neseshende elinguSiyanda Nkosi, 32, zidindilizile zivuza igazi. Kakwaziwa ukuthi bekubangwani.

OLUNYE UDABA:Owesilisa ubhokode ngommese ishende likankosikazi

Ngalesi sikhathi izingane eziphakathi kweminyaka engu-3 nengu-10 ubudala bezivalelwe egunjini lokulala ukuze zingaboni ukuthi unina ulele echibini legazi. Zitshelwe ukuthi ulimale onyaweni waphuthunyiswa esibhedlela, nakuba kuthiwa bezilokhu zibuza ukuthi akakelulami yini ziduna ukukhuluma naye ocingweni.

Kuthiwa kuze kwafika uyise wazithatha entathakusa. Abomndeni kaMathenjwa bagcine befikile kodwa imizamo yokuxhumana nabo kayiphumelelanga ngoba bebegajwe ngolukhulu usizi.

Omakhelwane nabangani baMathenjwa abangathandanga ukudalulwa bathi ubesebenza eThala Bank eMkhuze, ubesehlala ngokwehlukana nomyeni wakhe ngoba bexabene.

Kuthiwa udutshulwe esanda kubuya emaphoyiseni aseJozini eyokwenza incwadi yesivimbelo saleli shende okuthiwa belingamnike thuba, limhlupha.

"UZama ufice u-Siyanda esengaphakathi endlini emlindile, okuthe uma engqongqoza wangamvulela kanti usezovele abule isivalo amdubule khona lapho.

"Umsindo wokuqhuma kwesibhamu uzwakale amahlandla ayisihlanu kukhona nabakhalayo," kusho omunye womakhelwane.

Omunye wabangani bakamufi, utshele leli phephandaba ukuthi uNkosi ubemhlukumeza uMathenjwa.

"Ubesanda kumfaka emotweni ngesidlozana efuna ukuyomphonsa ebhulohweni elide ledamu laseJozini.

"Usindile kuleso siwombe ngoba uvule isicabha imoto ihamba walimala kanzima ekhanda. Ushone enenkebenkebe yengozi ekhanda," kusho lo mngani.

Leli phephandaba lihoshe ukuthi umufi usebenzise isibhamu sikamfowabo oyiphoyisa lomgwaqo ukwenza la manyala.

Sithathwe ngamaphoyisa esithola eduze kwesidumbu sakhe.

Ngesikhathi isidumbu sikaMathenjwa sitakulwa besingabhekeki ebusweni, kubonakala ukuthi yintululwane yezinhlamvu engene ekhanda.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uLieutenant-Colonel Thulani Zwane, uthe bavule icala lokubulala elisaphenywa.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...