Ubulale izingane, wazingqokloza ngenhlamvu obecikwa ukuthi umkakhe uyothwasa

2017-11-30 16:00

Durban - Udinwe wukuthi inkosikazi yakhe ihambe yathi iyothwasa kwamngani wayo ngeledlule wadubula wabulala izingane zakhe ezimbili ngaphambi kokubhekisa umbhobho kuyena owesilisa waKwaGandaganda, eMgungundlovu, maphakathi neKwaZulu-Natal.

Isidumbu sikaMnu Thabiso Pakisa, 40, esendodakazi yakhe uPhumla, 14, nesendodana yakhe uLebo, 9, zitholwe yilunga lomndeni zidindilize emzini wakhe ngeSonto.

Ngokusho kwelunga lomndeni - elingathandanga ukudalulwa ngenxa yezinkulumo eziningi esezivele ngemuva kwesigameko - uMnu Pakisa ubeshilo kusaqala isonto eledlule ukuthi uma ingabuyi ngoMgqibelo - lo esisuka kuwona - inkosikazi yakhe, uNkk Thobile Pakisa, uzozibulala.

Lithe ngosuku umndeni othole ngalo ngesigameko (iSonto), bekusaphele izinsuku eziyisi-7 uNkk Pakisa ehambile kwakhe.

"Kusukela ihambile inkosikazi yakhe yayothwasa endaweni esingayazisisi kahle, ebiyiyalelwe ngumngani wayo esebenza naye njengomhlanzi e-University of KwaZulu-Natal eScottsville (khona eMgungundlovu), ubelokhu esho ukuthi yena ufuna ibuye  ngoba akahambisani neze nale ndaba yokuthwasa.

"Amalunga omndeni abekhuluma nawo ngokungaphatheki kahle kwakhe ngesenzo somkakhe, ubeze awacele ukuba mawahambe ayoyitshela inkosikazi ukuba ibuye ngoba uma kungenjalo, ibuhlungu into azoyenza," kusho leli lunga lomndeni.

Lithe uMnu Pakisa ugile lo mhlola nje, kunelinye ilunga lomndeni elikhulume naye ngocingo ngoMgqibelo ebusuku limncenga ukuba angayenzi into engalungile ngoba lona lizoya kuyena ekuseni baxoxe ebese liyokhuluma nenkosikazi yakhe liyibonise ukuthi uyidinga kwakhe.

OLUNYE UDABA:

"Kasazi ukuthi kubuye konakalaphi ngoba leli lunga lomndeni ebelimbonisa lithi nakuba ebekhala mi izinyembezi besaqala inkulumo ocingweni, kodwa iphele esethembisile ukuthi bazoxoxa kahle ekuseni ngeSonto," kuqhuba leli lunga lomndeni.

Lithe bashaqekile uma leli lunga - ebelikhuluma noMnu Pakisa ngoMgqibelo - selibafonela ngeSonto libatshela ukuthi sekwenzeke inhlekelele.

Kusolakala ukuthi isibhamu esisetshenziswe nguMnu Pakisa bekungesomsebenzi njengoba ebengunogada kwenye inkampani esedolobheni eMgungundlovu. Kuthiwa ibisingaphezu kweli-15 iminyaka umufi nomkakhe bendawonye.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa asePlessislaer aphenya amacala amabili okubulala, kuvulwe nedokodo emuva kokuba owesilisa edubule wabulala izingane zakhe ezimbili maqede wazidubula naye.

Uthe amaphoyisa aphenya nezizathu ezoholele kulesi sigameko.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...