Ubulale ingane 'yakhe' wayigqiba

2017-06-19 12:32

Durban - Luphenduke isiqalekiso angasoze asikhohlwa empilweni yakhe usuku lobaba owesifazane waseHammarsdale, entshonalanga yeTheku obeluyizolo ngeSonto ngesikhathi isoka abekipite nalo ligonyuluka ngokushaya libulale ingane yakhe eneminyaka emibili ubudala obesekuphele izinsuku ezintathu idukile.

Umsolwa - onguyise wale ngane angayizali - wehluleke wukulwa nonembeza wakhe wagonyuluka kumngani wakhe ngento ayenzile qede wamthatha wayomkhombisa lapho egqibe khona isidumbu sengane.

Kube wumzuzu onzima emalungeni omndeni ka-Avela Zulu, 2, ozalwa nguNozipho Zulu obethandana nomsolwa ngesikhathi isingayise (stepfather) siyokhombisa amaphoyisa lapho sigqibe khona isidumbu sakhe, okuyindawo eqhelile nalapho bnehlala khona.

OLUNYE UDABA: Isoka lisolwa ngokuqoba intombi layifaka emgqonyeni

Amalunga omphakathi abekhona ngesikhathi umsolwa eyokhombisa amaphoyisa lapho egqibe khona isidumbu, ahlulekile wukuzibamba ngenxa yentukuthelo azama ukuvimba izimoto zamaphoyisa ebeka amatshe phakathi nomgwaqo.

Abefuna ukuba umsolwa adedelwe ukuze ezosina azibethele kuyena. Abecula amaculo ewabhekise kwabesilisa ngesihluku abasenzayo sokubulala abesifazane nezingane. Kuphoqeleke ukuba amaphoyisa asebenzise izinhlamvu zenjoloba ukuhlakaza amalungu omphakathi.

ILANGA lizifikele mathupha endaweni yesigameko lathola ngamalungu omphakathi ukuthi umsolwa ubonakale ngoLwesine emini ephethe ibhakede okusolakala ukuthi ubesifake lapho isidumbu sengane.

Kuthiwa usuke emqashweni wakhe ephethe leli bhakede waqonda endaweni yokucima ukoma wafie wamokloza utshwala ehleli phezu kwalo. Kuthiwa eseqedile ukuphuza, ubonakale eyosithela ngasemafemini ehamba nalo leli bhakede.

Amalungu omphakathi athi kube yisikhashana ehambile, wabuya engasaliphethe ibhakede wabe esehlaba umkhosi etshela amalungu omphakathi ukuthi sekunyamalele indodakazi yakhe, ucela amsize amfunise yona.

Umsolwa ubengasebenzi, bekunguye ogada izingane zentombi yakhe, okuyilena asolwa ngokuyibulala nenye enezinyanga ezingu-8 izelwe, ezalwa nguyena. Amalunga omphakathi athi uze wafonela noZulu esemsebenzini ethi makaphuthume bayobheka ingane ngba ayitholakali.

Kuthiwa kuze kwagcina ngokubikelwa amaphoyisa ngokulahleka kwengane. Afike nezinja eyothungatha umkhondo kodwa lutho ukuyithola.

Thola udaba oluphelele kwiphephandaba ILANGA.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-26°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Decreasing cloudiness. Warm. PE: 16-25°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...