Uboshiwe obeqola ngelikaTira

2016-12-15 13:34

Durban - Zimkhalele owesilisa obesolwa ngabesifazane abasebancane abebaqola esebenzisa igama lenkampani kaDJ Tira, i-Afrotainment, kubika ILANGA.

Lo mlisa zimkhalele ngoMsombuluko eSuncoast Casino, eThekwini emine bebade.

Kuthiwa uboshwe etetemuka engazi nokuthi lidumephi.

ILANGA langeSonto likhiphe udaba ngaye ngemuva kokusolwa ngabesifazane abasebancane abebathembisa umsebenzi e-Afrotainment, eMr Price nakwezinye izinkampani.

OLUNYE UDABA: Ushanelile uNyovest kowamaHip Hop Awards

Ngesikhathi zifika lezi zindaba kuTira usabalalise ezinkundleni zokuxhumana exwayisa abantu ngalo mlisa ozibiza ngesisebenzi sakhe.

USenzo Shezi osebenza kule nkampani kaTira ngokusemthethweni uthe ngesikhathi eboshwa lo mlisa akawaphikanga amacala akhe kodwa umane waxolisa.

Okhulumela amaphoyisa aseKZN uColonel Thembeka Mbhele ukuqinisekisile ukuboshwa komsolwa, waphinde wathi luyaqhubeka uphenyo.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Sunny. Mild. Pta: 6-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: -3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-21°C Drizzle. Morning clouds. Cool. PE: 9-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...