Ubonga izitobha onyomfe iPirates

2017-09-26 18:00

Durban - Udungwe yizitobha umcimbi we-Orlando Pirates ethole induku yokuqala kule sizini kwiBidvest Wits ebiqeda isikhwakhwalala sokunganqobi selokhu kuqale isizini.

UGavin Hunt oqeqesha iziTshudeni utshele ILANGA ukuthi izitobha zakhe yizona ezimphefumulise kahle zihlakaza yonke iminyakazo ebiqhamuka kwiPirates.

"Bengibhekene nenkinga enkulu yokuvuza kodonga emidlalweni yethu yokuqala yesizini. Ngijabule kakhulu ukuthi lesi sifo selaphekile emdlalweni wePirates. Besingeke siwunqobe ukube besisaqhubeka.

"Ngibabonga kakhulu abafana bami ngebhola abalidlalile. Bekubafanele ukunqoba lo mdlalo," kusho uHunt.

OLUNYE UDABA: Ubhekene nosizi uyise wesitobha se-Downs

Uqhube ngokukhala ngokulinyalelwa abadlali abaningi abamqoka okwenze waqala isizini ngenothi elibi. Lo mphumela ufike ngesikhathi esihle kakhulu kuHunt kwazise ubesanda kubizelwa emhlanganweni oshubile ngabaphathi bale kilabhu ukumazisa ngokungenami kwabo ngesiqalo esibi.

Izikhulu zeWits zicasulwe wukubhudluzwa kwale kilabhu ngamaZulu FC ngo-3-0 ngoLwesithathu ebusuku eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

Isibhaxu soSuthu sihlehlise ngisho isigcawu sabezindaba ebesibizwe yiziTshudeni ukukhangisa ngomdlalo wazo nePirates.

IWits inqobe umdlalo wayo wokuqala ngegoli elibhajiswe ezintanjeni nguGerald Phiri waseMalawi. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...