UBilliat uphathisa iDowns ngekhanda

2018-02-04 13:32

Durban – Uyaqhubeka nokuphathisa ngekhanda izikhulu zeMamelodi Sundowns uKhama Billiat ovalele igoli lale kilabhu ihlula iCape Town City ngo-1-0 emdlalweni we-Absa Premiership ngoLwesihlanu ebusuku e-Athlone Stadium, eKapa.

UBilliat udlala ingcwenga yebhola futhi uqhulula amagoli amqoka. Kwenzeka lokhu nje, akakayivuseleli inkontileka yakhe neDowns njengoba iphela ngokusongwa kwale sizini.

UPitso Mosimane ongumqeqeshi weDowns uselilahlile ithemba lokuthi lo mdlali uzokube egijima kule kilabhu ngesizini ezayo.

OLUNYE UDABA: Isithenjwa sifake isicelo sokukhululwa kwiDowns

Lo mdlali akafuni ukudalula ukuthi uwabhekisa kuphi amabombo. Ukudlala kahle kwakhe kubukeka kuzophoqa iDowns ukuba idansele isigingci sakhe uma izimisele ngokumshintshisa umqondo avuselele inkontileka.

IDowns iyaqhubeka nokuvula igebe esicongweni se-log yePremiership okuqinisa amathuba okunqoba le nkomishi.

 - ILANGA LangeSonto.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...