Ubhabhadiswa ngomlilo umqeqeshi wePirates

2017-04-19 07:00

Durban - Ubhajadiswa ngomlilo umqeqeshi omusha we-Orlando Pirates okubhekeke ukuba aqhamuke nemilingo ezokwenza le kilabhu igubhe iminyaka engu-80 yasungulwa ngegiya eliphezulu.

UKjell Jonevret ongumqeqeshi omusha weBucs ujoyine le kilabhu ekuqaleni kwenyanga edlule ishaya olukhulu udaka njengoba ibingakaze inqobe umdlalo kulo nyaka ngaphansi kuka-Augusto "Njenje" Palacios obeyibamba.

UJonevret ulandwe isipesheli emuva kokuba ibhabhadiswe yiMamelodi Sundowns ngo 6-0 ovuthayo kwi-Absa Premiership maqede abalandeli bavuka inja ebomvu becekelaphansi impahla eLoftus Versveld Stadium, eTshwane.

OLUNYE UDABA: Abaphathi beChiefs kabajiki kolwezicoco

Leli cala lisaqhubeka kwiDispute Resolution Chamber (DRC) yePremier Soccer League (PSL).

UFloyd Mbele oyisikhulu esiphezulu kwiBucs, uthi abakudingayo nje kuJonevret wukubuyisa isithunzi sale kilabhu ngokubanqobela iNedbank Cup kule sizini.

IPirates izobhekana neBloemfontein Celtic kwiQuarter Final ezokuba ngoMgqibelo ngo-20:30 e-Orlando Stadium, eSoweto.

UMbele uthe: "Isithunzi sethu sesiqala ukubuya emidlalweni yeligi ngaphansi komqeqeshi wethu omusha. Esikudingayo nje manje kuyena wukuthi asinqobele iNedbank edingwa kakhulu nguSihlalo wethu, u-Irvin Khoza njengoba sigubha iminyaka engu-80 ikilabhu yasungulwa."

Lesi sikhulu sikhuluma kanjena nje, uJonevret unqobe umdlalo wokuqala weligi ehlula iMaritzburg United ngo 2-0 eSoweto. Ibisigijime imidlalo engu-12 yeligi inganqobi.



- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 14-18°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...