Ubephume ngoshwele ejele owabulala intombi wagqiba isidumbu

2018-02-26 16:02

eThekwini - Ubengaphandle ngoshwele esayina njalo esiteshini samaphoyisa ngenxa yecala lokudlwengula owayeyintombi yakhe owesilisa waseMpola eMarianhill.

Lo mlisa usolwa ngokubulala intombi yakhe wase egqiba isidumbu sayo.

Iphephandaba iLANGA lithole ukuthi uNkosi Ndlovu, 36 uboshelwe leli cala nje, besekuphele unyaka nezinyanga ezimbalwa adedelwa ejele ngoshwele ngecala lokudlwengula.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe kwabulawa abasolwa abayisikhombisa eNgcobo

Kwaqhuma isililo emndenini wowesimame ngesikhathi isoka likhomba lapho lagqiba khona intombi yalo eMpola, ngaphandle kwasePinetown.

UXolisile Chonco, 30, kwabikwa emaphoyiseni aseMariannhill ukuthi ulahlekile ngoFebhuwari-1.

Kuthiwa lo wesilisa ugcine esevuma ukuthi uyena obulale intombi ngemuva kokuba aphekwe ngemibuzo ngamaphoyisa.

Unina kamufi uThandeka Madlala ubekhihla esikaNandi emva kokumbiwa kwesidumbu sendodakazi yakhe.

“Besilokhu sehla senyuka sifunana nengane yami, naye umsolwa emi kwelokuthi akukho akwaziyo njengoba besilokhu simbuza,” kusho unina kamufi.

Uthi egcina ukukhuluma nomufi, kwakungesikhathi emfonela emfisela izilokotho ezinhle njengoba wayezalwa ngalolo suku.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...