UBenni unethemba lokucija iBafana ngelinye ilanga

2017-06-16 13:00

Durban – UBenni McCarthy osanda kuqokwa njengomqeqeshi omusha weCape Town City ufuna ukwenza le kilabhu isitebhisi sokuqhoqhobala isigqiki esifanayo kwiBafana Bafana.

UBenni uqokwe njengomqeqeshi weCity ngoLwesibili ekuseni. Usayine inkontileka yeminyaka emithathu nale kilabhu.

Uthatha umsebenzi oshiywe ngu-Eric Tinkler ojoyine iSuperSport United. Lo msebenzi ngowokuqala ngqa kuBenni njengomqeqeshi ozimele kwazise uke waba ngumsizi womqeqeshi kwiSint Truiden yaseBelgium.

Nakuba abathandi bebhola abaningi bemungabaza kodwa uthi yena ufuna ukwenza lo msebenzi isitebhisi sokuya kwiBafana.

OLUNYE UDABA: Umbono: ‘UBenni angangqimuzi abafana ngesibhakela ngoba unenhliziyo encane’

“Ngiyazi ukuthi abantu abaningi abangithembi, vele ngisho ngisadlala impilo yami ibinjalo, bengingathenjwa kodwa ngawenza umsebenzi.

“Ngiyabonga ngethuba engilinikiwe kodwa ngifuna lo msebenzi ungivulele amathuba amaningi okubalwa nelokuqeqesha iBafana.

“Yilapho engibheke khona. Kuyisifiso sami ukuthi ngihole elakuleli ngelinye ilanga. Kodwa okumqoka njengamanje wukuthi ngenze kahle kwiCity, yiwona umthwalo wami ongimele,” kuphetha uBenni.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...