UBabes ucikwe yibhungu elizame ukumubamba okhalweni bethatha isithombe

2017-02-12 10:33

Durban - Ukhuze wababaza ibhadi uBabes Wodumo ethintwa ngomunye wesilisa obecele ukushutha naye ngesikhathi evakashele ezindlini zomsakazo ze-SABC, eThekwini.

UBabes ubematasa eshutha izithombe nabalandeli bakhe ngesikhathi kuqhamuka ibhungu elithile, licela ukushutha naye. Libe selizama ukubeka isandla okhalweni lukaBabes ngenhloso yokushutha naye kanti kalibuzanga elangeni.

Ushintshe ngisho ebusweni uBabes, wakhuza ibhadi wathi: "Hhayi bo, ngicela ungangibambi bandla, ngiwumfazi womuntu."

Leli bhungu libe selizama ukusibeka ehlombe isandla kodwa nakhona kwayiso leso.

OLUNYE UDABA:Kumthathe "imizuzu" ukuduma uBabes Wodumo

Kuzokhumbuleka ukuthi kuke kwasabalala amahlebezi okuthi uthandana noMandla "Mampintsha" Maphumulo, ongumphathi wesitebele asayine ngaphansi kwaso iWest Ink. Kuthe kusadume lokho kwathiwa  sebethembisene umshado emuva kokubonakala kwakhe uBabes egqoke indandatho esandleni sokunxele.

Engxoxweni ekhethekile abe nayo nomunye umthombo wabezindaba ukuvumile ukuthi kukhona athandana naye osendimeni yezobumnandi kodwa wangalisho igama lakhe lowo muntu.

Ebuzwa yiLANGA LangeSonto ukuthi ngabe ubesho ukuthini uma ethi ungumfazi womuntu uthe: "Wonke umuntu ungumuntu womuntu ngoba kusuke kukhona athandana naye. Angikwazi ukuthi ngivumele noma ngubani angithinte, ikakhulu abantu besilisa."

Uthi kunzima ukwazi ukuthi umuntu uzosebenzisa isithombe sakhe athini ngaso. Uthe useqaphela kakhulu emuva kokuba kuvele insizwa eyabe ihubhuza amanga ithi waqedwa yiyo ubuntombi.

"Ngingazithola sengivele ko-Facebook kuthiwe ngithandana nomuntu othile engingamazi njengoba kwake kwenzeka phambilini," kuqhuba uBabes.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Mild. Bloem: -2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C Morning clouds. Cool. PE: 7-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...