Sizwakele isikhalo samathawula ngezingoma zeDistruction Boyz

2017-11-05 10:59

Durban - Asezotholakala kusukela kusasa amathawula ahlale ekhalelwa ngabantu bethi ayadingeka bethi ayadingeka uma udansela izingoma zeDistruction Boyz.

Lawa mathawula adingeka nje yingoba ukudansela igqomu laleli qembu kufana nse nokuzovocavoca ejimini.

Kulezi zinsuku ozoyithenga i-albhamu entsha yabo ezitolo abazihambelayo uzolithola mahhala ithawula kodwa kusukela ngesonto elizayo azobe edayisa wodwa.

OLUNYE UDABA:BUKA: IDistruction Boys ithi kuzobe kungomunye phezu kumunye kuhlukaniswa unyaka

Kugcwale phama abezindaba nabangani beDistruction Boyz esitolo sezimpahla zesimanje iHype eWorkshop enkabeni yedolobha itheku enyakazisa kwasani kulezi zinsuku.

IDistruction Boyz ihlanganiswe nguThobane Mgobhozi (Que), noZipho Mthembu (Golmax) bobabili baneminyaka engu-21 ubudala.

Nakuba izingoma zabo sezidume njengophuthu kodwa ibingakadayisi i-Albhamu kwaze kwaba ngoLwesihlanu, kanti bathi bafuna ukungena ngayo emlandweni ngokuba ngabokuqala ukudayisa lolu hlobo lomculo wegqomu ukudayisa bafinyelele esigabeni segolide.

Thola udaba olugcwele kwiphephandaba ILANGA LangeSonto.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...