Sithi silala sibala izinkanyezi isalukazi 'esincishwa' eyempesheni

2017-05-09 07:01

Durban -  Silala sibala izinkanyezi isalukazi saseZamazama, eMboza, KwaMhlabuyalingana, enyakatho-yempumalanga yeKwaZulu-Natal esingakwazi ukuthola imali yempesheni yize iminyaka yaso isifike yaze yadlula kwebekiwe.

UNomvula Tryphina Manzini, 67, uhlala endlini encane efulelwe ngotshani osekucaca ukuthi kufanele ngabe sebuyashintsha.

Uthi uhlala nabazukulu abangu-6, bonke abayizintandane. Bonke balala kule ndlu.

Kufanele engabe uqale ukuthola imali yempesheni ngo-2010 kodwa kuze kube yimanje lutho.

OLUNYE UDABA: Sekuphele iminyaka lutho imali kayise

Usola izisebenzi zeSouth African Social Security Agency (SASSA) ngokumenza inhlekisa uma eya emahhovisi akwaSassa eManguzi enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, izisebenzi ziyaye zilokhu zikhombisana ngaye.

Utshele ILANGA ukuthi eminyakeni edlule naye udubile nabanye abaningi bayobhalisela imali yesibonelelo sezingane kodwa bengenazo. Ngesikhathi kuphuma umyalelo othi bonke abaholela izipoki mabayozesula, Ukwenzile lokho. Uthi okumephule umphefumulo wukuthi ngeke ayinuke imali yempesheni ngoba ubentshontsha imali kahulumeni-kodwa ayenabo ngesikhathi beholela izipoki, bayayithola impesheni.

"Kubuhlungu okwenzeka kimi. Njengoba ubona nje ngilala lapha ngibala izinkanyezi. Ngenxa yobuhlungu bempilo engiyiphilayo, sengiyazisola nokuthi ngavumelani ukuyokwesula izipoki engangiziholela. Abazukulu laba engihlala nabo kabanabani ozobasiza ngaphandle kwami. Ngomunye unyaka ngifike emahhovisi eManguzi bangitshela ukuthi kuzofanele ngiyikhokhe yonke imali ebengiyihola ngokungemthetho. Ngivumile ukuthi ngizoyikhokha ize iphelele.

"Emaphepheni engibhalelwe wona kuthiwa ngikweleta imali engu-R24 000. Ngizamile ukuchaza usizi lwami lokuthi anginayo indlela yokwenza imali. Ngicele ukuba bangibhalise ngithole eyami yempesheni ukze ngizothatha ingxenye ngikhokhe ngayo," kusho yena.

Ikhansela le ndawo uJohnson Gwala, lithe lizohamba liyobona uManzini emuva kwalokho liqale indlela angasizakala ngayo.

"Ibuhlungu impilo ephilwa yilo gogo. Okubuhlungu wukuthi nabazukulu bakhe kabanamapasi nezitifiketi. Ngingakujabulela ukuthi noma ngabe ngubani ongaba nosizo ukuba asondele kusizakale umuntu omdlala," kusho uGwala.

Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNcumisa Ndelu, uthe akanalo ulwazi ngalolu daba.

Ucele ukuthunyelelwa imininingwane ngalo ukuze kuzoqalwa uphenyo. Uzwakalise ukukhathazeka ezwa ngesimo sikaManzini.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More clouds than sun. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...