Seliphenduke iqaqa iGcokama Elisha

2017-05-18 14:08

Durban - Sesiphenduke iqaqa isilomo sikamaskandi, uMthandeni "iGcokama Elisha" Manqele ngenxa yezenzo zaso eziphambene nokulunga okubalwa kuzo nokuhlasela intatheli yeLANGA, uMthobisi Sithole, emasontweni amabili adlule.

IGcokama bekumele linandise emcimbini kaMasipala waseNkandla, maphakathi neKwaZulu-Natal, lagcina liphunyukwe yiqatha emlonyeni ngoba amakhosi akule ndawo eshaye amakhala ngokuqashwa kwalo.

Ngokusho kokhulumela uMasipala waseNkandla, uMgcobeni Khanyile, iGcokama beliyingxenye yabaculi abebezonandisa kwiNkandla May, eDangweni, eNkandla ngomhlaka-27 kwephezulu.

OLUNYE UDABA:Igcokama ligadle kwimbangi

Lo mcimbi wenziwa minyaka yonke kanti kuwona kusuke kuzoqokwa amahhashi azongena emjahweni, iDundee July.

"Bese sivumelene nalo ngayo yonke into, okubalwa nemali ebeliyibizile kodwa sagcina silihoxisile ngenxa yezixakaxaka zalo zakamuva zokushaya intatheli. Silihoxise ngemuva kokuba amakhosi ethe kawalidingi kule ndawo njengoba kusanda kuvela izindaba ezimbi ngalo kwaze kwaphuma nesidumbu.

"Yize thina besingakunakile lokhu ngoba ezokuphepha besazi ukuthi zizobe ziqinile kodwa sibone kufanele siwuhloniphe umbono  wamakhosi silihoxise," kusho uKhanyile.

Uthi kulo mcimbi bebememe iGcokama, uKhuzani, uQhoshangokwenzakwakhe, iMfezemnyama, uMabhilidi, uThokozani Langa, iMithente, iMalini noDJ abehlukene.

"UKhuzani uhoxile wathi ngeke aphumelele ngoba kunomcimbi weSouth African Music Awards (SAMA) amenywe kuwo eNorth West ngosuku olufanayo," kusho yena.

INkosi Zakhe Mpungose, okuzokwenzelwa umcimbi endaweni yayo, ithe impela ikhulumile nomasipala iwubonisa ukuthi babona kanjani ngokumema iGcokama ekubeni kulo mcimbi kuzobe kukhona izintatheli elingazifuni ngokunjalo nabalandeli balo.

"Bengibabuza ukuthi bakubona kukuncane yini lokhu okwenzeka eCurries Fountein Sports Field eThekwni kuphuma isidumbu ngenxa yabantu abangezwani.

"Amaphoyisa abekhona eCurries Fountain, ezokuphepha ziqinile kodwa kwagcina kufe abantu.

"Singamakhosi aseNkandla sizamile ukubhula lo mlilo wokungenzwani kwabalandeli balezi zingane sihlangene neNkosi yaseMadletsheni (INkosi Bonga Mdletshe) kodwa sehluleka njengoba iGcokama lingazange lilubhade kulowo mhlangano.

"Bengifuna bengichazele ukuthi sizosigwema kanjani isimo esifuze lesi uma lo mfana eqhubeka eza lapha," kusho iNkosi Mpungose.

Imizamo yokuthola iGcokama iphunzile njengoba ucingo lwalo belukhala lungabanjwa. Lishiyelwe umywalezo kodwa lutho ukuwuphendula.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-17°C Sunny. Mild. Pta: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 6-24°C Sunny. Mild. Bloem: 3-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 13-21°C Mostly sunny. Cool. PE: 10-19°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...