Seligcine limbhekile elakubo uMshoza

2017-02-12 17:02

Durban – Ushayelwa izandla kanti abanye bangele ngokuqokwa kwakhe kumaMetro FM Music Awards uNomasonto Maswanganyi, odume ngelikaMshoza emculweni.

Kuzokhumbuleka ukuthi kungokokuqala ngqa ukuba uMshoza aqokwe kuma-MMA’s, nakuba eseneminyaka eminingi engenile emculweni.

Ungene emculweni eseyingane eminyakeni eminingi edlule ecishe ifinyelele emashumini amabili.

Ingoma aqale ukuduma ngayo ngethi Kortez, ebidansisa lonke uhlobo lomuntu, nesekhna nanamuhla.

OLUNYE UDABA: UMshoza usethole uthando olusha

Kulokhu uqokwke ngengoma yakhe ethu Abantu Bami, emunxeni weBest Kwaito Single nabangisana kuwo noL’vovo, Sosha noVetkoek & Mahoota.

Ezinye izingoma zakhe ezidumile phambilini yileyo ethi Hlabalingene nebidlalwa kakhulu kodwa engazange ukhanye njengale yakamuva.

Ekhuluma neLANGA LangeSonto ngoMgqisbelo uthe yena akanankinga ngokungaqokwa sonke lesi sikhathi kodwa uyakuthokozela ukuthi uqokiwe kulokhu.

Ama-MMA azobanjelwa e-ICC ngomhlaka-25 kwephezulu.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 12-22°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 9-19°C Morning clouds. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Scattered showers. Afternoon clouds. Cool. PE: 16-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...