Sekuphele iminyaka lutho imali kayise

2017-05-08 18:01

Durban - Usola uMnyango wezeMfundo ngokugweva nemali yelungu lawo umndeni wakwaNkosi eVryheid, enyakatho yeKwaZulu-Natal othi sekuphele iminyaka engaphezu kweyishumi ulindele.

UZandile Nkosi, 25, uthi bashonelwe nguyise ngomhlaka-29 ku-Ephreli ngo-2003 esebenza ngaphansi koMnyango kodwa kuze kube manje lutho imali yakhe yempesheni.

Uthi uyise, uJabulani Nkosi, uqale ukusebenza eFilidi Senior Secondary School ngonyaka wango-1990 wadlula mhlabeni esesebenza eMpofini High School engunogada kulezi zikole.

OLUNUE UDABA:Kudliwe imali yokwakha isikole

Utshele leli phephandaba ukuthi sebekwenze konke okusemandleni abo begcwalisa amafomu emahhovisi omnyango oNdini kodwa batshelwe ukuba balinde.

Basola ukuthi kukhona okushaya amanzi ngalezi zimali.

"Ubaba ushonele khona emsebenzini futhi nawo uMnyango uyakwazi lokho. Okusididayo wukuthi kungani izimali zakhe singanikezwa zona. Uma sifika emahhovisi sigcwalisa amafomu nsuku zonke ukuze sinikezwe izimali.

"Liphelile manjje ithemba lokuthi kusazolunga. Sesicela izikhulu eziphezulu ukuba zingenelele kulolu daba ngoba sekungaphezu kwamandla ethu.

"Engizibuza khona wukuthi kanti yini lena evimbe izimali zikababa," kusho uNkz Nkosi.

Uveze nokuthi zikhona izikhulu ngaphakathi emahhovisi oMnyango oNdini ezizamile ukumsiza kodwa ziphelela endleleni.

"Ngabe kungcono ukuba siyatshelwa okumele sikulungise ukunokuba silokhu silinde into esingayazi.

"Okuwubufakazi bokuthi bekumele sizitholele izimali, wukuthi utshishanhloko wakulesi sikole ubaba ashone esebenza kushona, ubesisiza kakhulu ekulandeleni uhlelo lokuthi sithole le mpesheni nakuba naye esephonse ithawula.

"Miningi kakhulu le minyaka, siyakhala, kudlalwa ngathi kuhulumeni," kusho uNkz Nkosi.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uScelo Khuzwayo, uthi lolu daba luzodluliselwa ehhovisi elibhekelele ukuqashwa kwezisebenzi emnyangweni.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C High level clouds. Warm. PE: 14-18°C Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...