Sekubalekelana izinceku ngenxa yemali

2017-12-21 18:00

Durban - Ukhala uyazithulisa umfundisi othi ubalekelwa ngomunye umfundisi emuva kokuba emuboleke imali engaphezu kuka-R60 000 - okumanje osekubonakala sengathi le nceku kayisazimisele nhlobo ukuyikhokha njengoba ekholwa wukuthi isiyamubalekela.

UMfu Bhekumuzi Vundla waKwaCeza, ngasoNdini, enyakatho yeKwaZulu-Natal, usola uMfu Zakhele Sithole webandla iFree Salvation Ministries International KwaMaphumulo, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, ngokumubalekela nale mali athi umuboleke yona ngoNtulikazi (July) wangonyaka wezi-2015 ngoba ekhala ngokuthi kushile lapho asebenzela khona kwasha imishini asebenza ngayo ebhizinisini lakhe.

Uthi sekumcacele bha ukuthi uMfu Sithole akazimisele nhlobo ngokukhokha le mali kwazise usakhokhe u-R2 000 nje kuphela.

Uveze ukuthi phezu kwalo R60 000, ubuyile uMfu Sithole wayoboleka u-R6 700 wathi kunesimo esiphuthumayo, lena uzoyibuyisa isiwu-R10 000. "Uthe uma esho njalo, ngathi kasikho isidingo sokuthi ayibuyise isizalile, yena angakwenza nje wukungibuyisela yona injengoba injalo ngoba ngiyamusiza, kangizalisi imali,” kusho uMfu Vundla.

Uthi kuthe uma sekufika isikhathi abebevumelene ukuthi bazokhokhelana ngaso, uMfu Sithole waqala wabika imbiba wabika ibuzi.

UMfu Vundla uthi yilapho abone khona ukuthi sekuyoba yinhlanhla eyitholile imali yakhe kwazise uMfu Sithole ubeseyikhokha ngenkulungwane - wagcina engasamtholi nhlobo ocingweni lwakhe.

Utshele ILANGA ukuthi le mali iphume ngemuva kokuba eyeke emsebenzini ngoba efuna ukuziqalela ibhizinisi kodwa wagcina esezwelana noMfu Sithole wamboleka yona kwazise ubengazibekile phansi emkhalela, emubalisela.

"Ngenxa yokuthi besesijwayele ukubonana kwazise ubesenokungimema ezinkonzweni zakhe, ngigcine sengimzwela. Bengisiqonda nesimo abebhekene naso ukuthi uma ngingamlekeleli ibhizinisi lakhe lizowa," kusho uMfu Vundla.

Uthi ukumnika kwakhe imali lokhu asola ukuthi kube yisichitho ngoba uMfu Sithole uyekile ngisho ukumumema ezinkonzweni abejwayele ukumumema kuzona, kwagcina sekunzima nanokuthi amthole.

OLUNYE UDABA: Kuqubuke ingxabano kubangwa imali yomnikelo

Uhoshe umoya wokuthi uMfu Sithole uthole ithenda yokuphakelwa kwabafundi ezikoleni, okuthe uma esemcela ukuba amkhokhele wathi kakuyona eyakhe imali azoyenza ngalolu hlelo kodwa uzokhokhela ngayo udadewabo naye obemboleke imali.

"Ube esethi uzonginika u-R5 000, ngawunqaba ngathi ngicela imali yami injengoba injalo ngoba nami sengidinga ukuyisebenzisa kwazise nami ngiyeke emsebenzini ngoba ngifuna ukuziqalela awami amabhizinisi," kusho yena. Ethintwa ngalezi zinsolo uMfu Sithole, uqale wakhuluma ngesikhulu isizotha nentatheli wayichazela ukuthi konke lokhu okushiwo yinceku kuliqiniso, okungelona iqiniso wuthi akasatholakali.

"Ngizamile ukuyikhona imali yakhe ngezinkulungwane, wangikhalela wathi akayizwa uma ngiyikhokha ngaleyo ndlela. Ngibe sengithi kuyena ngizoyikhokha ngo-R5 000 wala waphetha wathi uyifuna iphelele," kusho yena. Ube esecela ILANGA ukuba limbonise limtshele nangamalungelo akhe, okuyilapho etshelwe khona ukuthi unalo ilungelo lokuziphendulela noma angaphenduli.

Ukhale ngokuthi leli phephandaba kalikhombisi ukuba nobuntu njengoba likhombisa ukungazwelani neze naye.

Ulisole ngokuzwelana noMfu Vundla nokuvumela ukusetshensizwa ekutheni kudicilelwe phansi igama lakhe, kubukiswe ngaye ebandleni lakhe.

"Yini inhloso yakhe ngokutshela nina izindaba eziphakathi kwami naye? Nawe uze uyakhuluma nje kawukhombisi ukuba ngumuntu uzwelane nami sengathi wena kawunazo izikweletu," kusho uMfu Sithole.

Ugcine esecela ukuthumelela izimpendulo ezibhalwe phansi yize noma ebese ephendulile waze wageqa amagula ngesikhathi ekhuluma ngomlomo.

Ube esethumelela isitatimende esithi: "Ubudlelwano bami noMfu uVundla ngobenkolo yobuKrestu, inkolo yethu kayisivumeli ukuthi uma sixabane sodwa bese siphumela ngaphandle ukuyoxazulula udaba.

Ngakho ngicela ukungaziphenduleli kule nkundla ngicela uVundla alandele inqubo yebandla ukuze kube nesixazululo kulokho akhala ngakho ngami.

Angalandela ukusho kweZwi kuMathewu 18:18 noku 1 KwabaseKorinte 6:1. ngiyabonga."

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...