Sehlisiwe isigwebo sika-Ben 10

2017-11-05 12:18

Durban - Uzobonakala emlenzeni wesibili wemidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba neSenegal, uBonga Zungu weBafana Bafana.

UZungu uthole ikhadi elibomvu iBafana ibhekene neBurkina Faso kanti bekumele ayihlale yomibili le midlalo engadlali.

Nokho iSafa ikuqinisekisile ukuthi lo mdlali uzophuthwa ngumdlalo owodwa kuphela ngemuva kokuba ifake isikhalazo ekomidini lokuqondisa isigwegwe kwiFifa.

OLUNYE UDABA:UBaxter umemezele isikwati seBafana esizodlala kowokuhlungela eyomhlaba

IBafana izobhekana neSenegal emdlalweni wokuqala ozokuba ngoLwesihlanu ePolokwane ngaphambi kokuba ibhekise amabombo eDarka, eSenegal, lapho izobe isiyodlala khona umlenze wesibili.

IBafana kumele iyinqobe yomibili le midlalo ukuze izibekele indawo kweyendebe yomhlaba eRussia ngonyaka ozayo.

 - ILANGA LangeSonto

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...