Sebebizelwe konkosi ngokuphoxa esamaQadi

2017-03-16 19:30

Durban - Ibabaza ihlazo elitheleke esizweni sayo iNkosi yamaQadi, uMqoqi kaMzonjani Ngcobo, ngenxa kanina wengane entshontshwe kudunwa imoto yakhe ngoLwesihlanu olwedlule ngaseCity View (Game City) eThekwini, okuvela ukuthi ungowasemaQadini.

Sekuwumlando ukuthi lo nina wengane onguNkk Sibongile Mbambo, 34, ugcine eboshwe noMnu Phumlani Mbokazi, 26, othi unguyise wale ngane - hhayi uMnu Funokwakhe Mbambo, 53, - ngoba bebanjwe nayo eMariannhill Toll Plaza ngeSonto ekuseni nale ngane okusolwa ukuthi beyithathwe yibona beyoyishisela impepho "kubo" eGreytown, maphakathi neKwaZulu-Natal.

ILANGA libe nengxoxo ekhethekile neNkosi Ngcobo izolo ngoLwesithathu ngemuva kokuphuma kwesinqumo seNkantolo yeMantshi yaseThekwini ikhipha uNkk Mbambo ofundisa eMakhapha High School noMnu Mbokazi ngebheyili.

INkosi Ngcobo isikhiphe umyalelo ophuthumayo enduneni, uMnu Magebevu Ngcobo, ukuba itshele umndeni wakwaMbambo - uMnu Mbambo nomkakhe - ukuthi ifuna ukuwubona kusasa ngoLwesihlanu ukuze kukhulunywe udaba lwawo, uchaze kabanzi konkosi ngale nto esigcwele umhlaba wonke ihlambalaza isizwe samaQadi. 

Inkosi iveze ukuphoxeka kwayo ngokusolwa ngakho uNkk Mbambo.

"Bengilokhu ngizwa ngalolu daba emaphepheni nakomabonakude kodwa ngingazi ukuthi inkosikazi esolwa ngalokhu ihlala emaQadini," kusho iNkosi Ngcobo.

Iqhube yathi uma kusekhona abantu besifazane abakwazi ukwenza njengoNkk Mbambo, amaphara ngeke aphele, kunalokho azoqhubeka nokwanda umhlaba wonke.

OLUNYE UDABA: INGOSI: Kuyoba kubi impela uma umama wosana ebemdibi munye ‘nezigelekeqe’

"Amaphara azalwa ngowesilisa nowesifazane abagcine bengazinakekeli izingane noma baziphike, zikhule ziyimidlwembe ebamba inkunzi noma ehlukumeza umphakathi," kusho iNkosi uNgcobo ebilokhu ibabaze njalo ihlazo likaNkk Mbambo.

ILANGA liyibuza ukuthi ngabe zikhona yini izinyathelo ezozithathela uNkk Mbambo, ithe: "Okwamanje njengoba udaba lusasenkantolo, kangikwazi ukumahlulela kodwa udaba lwakhe sizoluhlalela phansi nezinduna siphume nesixazululo esizoxwayisa nabanye abantu besifazane ukuze bangayenzi into efana nale ayenzile.

"Ngimdala ngingaka ngiyaqala ukuzwa into efana nale, ngihlale ngizizwa izigameko ezahlukene zokuntshontshwa kwezingane kodwa le bengiqala ukuyizwa, ngithuke kakhulu uma sengizwa namhlanje ekuseni ukuthi lo mndeni wakwaMbambo wakhe lapha emaQadini," kusho inkosi.

Udaba lukaNkk Mbambo belusematheni kusukela ngoLwesihlanu ngeledlule ngesikhathi kusabalala izindaba zokuthi kudunwe imoto yakhe eyiToyota Yaris, ehamba nezingane zakhe ezimbili eyomfana neyentombazane enenyanga eyodwa izelwe.

Kuvele ukuthi ngesikhathi kudunwa imoto izigebengu zibaleke nemoto nengane phakathi.

Imoto kaNkk Mbambo itholakale ngalo uLwesihlanu ntambama eMontclair, eningizimu yeTheku. Kube ngokunye ngeSonto ekuseni uma sekuzwakala izindaba zokuthi sekuboshwe uNkk Mbambo noMnu Mbokazi.

Kugcine ngokuthi laba baboshwe baphuma ngebheyili ka-R1 000 umuntu emunye izolo ngoLwesithathu. Icala labo lihlehlele umhla ziyisi-9 Meyi. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...