Owesimame usolwa ngokondlisa amadoda angu-6 ingane kamfowabo ethi ngeyakhe

2017-05-08 11:01

eJozini - Uyabila yintukuthelo owesilisa waseMakhonyeni eJozini, okuvele ukuthi ungowesi-6 kwabesilisa abondliswa "isipoki" ngowesifazane waseHlalanathi khona eJozini.

USibusiso Ngubane, 31, uthi akasoze wayikhohlwa into ayenziwe nguNoxolo Jele, 32, omqothule amaphakethe ngoba ethi unengane yakhe kanti usebenzisa eyengoduso yomfowabo athi ngeyakhe.

Uthi uthandane noJele ngo-2014 emuva kwezinyanga ezimbalwa intombi yafudukela oPhongolo, enyakatho yeKwaZulu-Natal iyohlala nonina omncane oshone ngonyaka odlule.

Uthi uthole ucingo lukaJele emtshela ukuthi weqiwe yinyanga (ukhulelwe). Lokhu kuze kwafakazelwa ngunina omncane kanti bacija itulo lokudla imali yakhe.

"Ngizwe uXolo engitshela ukuthi ukhulelwe ngamnxusa ukuba aye kwadokotela ukuze aqinisekise ukuthi ukhulelwe. Akayanga lapho, kunalokho ushuthe incwadi okuhlolwe ngayo ingoduso yomfowabo lapho ibhalwe khona ukuthi ukhulelwe, wangithumelela isithombe sayo ngo-WhatsApp. Nami ngigculisekile.

"Ngokuhamba kwesikhathi, ubeselokhu engitshela ukuthi mangifake imali yokuba aye emtholampilo. Ubengafuni uma ngithi makafike ekhaya nabakubo bezobika isisu. Ngenyanga ye-10 engibikele ukuthi ukhulelwe, ngimbuze ukuthi kungani ingakazalwa namanje ingane wathi uzoya esibhedlela eyobeletha. Nangempela ngenze amalungiselelo okuthenga izimpahla zengane. Unina omncane kaXolo ungifonele engigqugquzela ukuba ngithenge izimpahla zengane eyintombazane ngoba sekuphele izinsuku izelwe, isesibhedlela.

Kunesitolo esivulwe ngami edolobheni laseJozini njengoba sithengisa izimpahla zezingane ezihamba phambili. Ngibuye lapho ngathatha isikhwama sezimpahla ngathumela udadewethu omncane ukuba azihambise oPhongolo. Ungithumelele isithombe sengane engakehlukanisi," kuchaza yena.

OLUNYE UDABA:Ugqeme ingane ngesando obefuna imali yakhe

Uthi ekhaya unengoduso abeseyibikele ukuthi usekhulelisile ngaphandle kwayo. Kuthe uma izwa lokho yaphatheka kabi kangangokuba ike yasikaza ukubopha imithwalo ibuyele kubo.

"Le nto ingiphethe kabi kakhulu ngoba le ntombazane idlale ngami. UNoxolo ngifuna ukumvulela icala lokungigebenga engondlisa ingane yomfowabo. Bengivaleke amehlo ngoba unina omncane nguyena obelokhu engijoja eyifuna le imali yengane," kusho yena.

Uthi udaba luqale ukonakala emuva konyaka nezinyanga ezimbalwa ingane izelwe ngesikhathi ebuza kudadewabo kaJele osebenzela kwesinye sezitolo zaseJozini ukuthi ingane isingakanani.

Udadewabo kaJele ushaye izandla watshela uNgubane ukuthi ungowesi-6 kubantu abathi banengane nodadewabo, kubika iLANGA.

"Ngethukile uma ethi udadewabo akanangane. Baningi kakhulu abantu abondla ingane engekho. Ushutha ingane yomfowabo athi ngeyakhe. Okubi kakhulu wukuthi unina omncane angigile naye uvele washona kulezo zinsuku.

Kumanje ngiphelile emalini ngoba kwesinye isikhathi bekuphoqa ukuba ngiboleke uma eseyifuna la uXolo. Ngifuna ukumthathela izinyathelo zomthetho ukuze ezofunda isifundo," kusho uNgubane.

Uthi ingaphezu kuka-R 5 000 imali ayikhuthuzwe nguJele. Ethintwa ngalolu daba uJele, uthe ingane ngeyakhe kodwa indaba wukuthi uhlole ulibofuzo kwatholakala ukuthi kakuyona ekaNgubane, uyise useThekwini.

Uveze ukuthi yena ubezitshela ukuthi ngekaNgubane ngoba ugcine elale naye. Uthe kakuyona ngisho imali etheni uNgubane amnike yona ngoba wagcina ngokuthenga amanabukeni (Pampers) nezintwana nje ezincane, kwaba wu-R100 amnike wona.

"Ubengakhokheleka nje leyo mali ngoba uma ngibheka kazifiki ngisho ku-R1 000 izinto azithengile. Into nje engingayithandi wukuthi uhamba ebuza bonke abantu abangenalo ulwazi ngalolu daba engabe yena ukhuluma nami. Isidingo sokuhamba ebuza abantu kasikho ngoba udaba luphakathi kwami naye futhi lungalungiseka," kusho uJele.

Uthe kukuyena uNgubane ukuthi uyalukhipha yini lolu daba ephephandabeni uma ebona lokho kuyisixazululo.

"Anginankinga uma kuwukuthi ubona lokho kuyinto ezomsiza. Naye ngathi ukhohliwe ukuthi wayelwa nami elala nami ngenkani engafuni ukufaka ikhondomu. Uma efuna sifikisane kude kulungile, makaqhubeke nakwenzayo mhlwawumbe nami ngizoqhubeka," kusho yena. 


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More clouds than sun. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...