OweSibaya kwelokweba imfuyo

2016-12-04 18:32

Durban - Ithelwe yihlazo inkampani eqopha umdlalo olandelwa yizigidi zabantu kumabonakude emuva kokuvela kwezindaba ezithi ingeyokwebiwa imfuyo evezwa kwiSibaya esikhonjiswa kuMzansi Magic nsuku zonke phakathi nesonto.

ISibaya siqoshwa yiBomb Productions esididiyele inqwaba yemidlalo okubalwa phakathi kwayo iYizo Yizo, Zone 14 neminye eminingi. Le nkampani isolwa ngokweba izimbuzi, yizinkomo nezimvu ezibonakala kulo mdlalo.

Isolwa nguMnu Sakhile Thusi obuye aziwe ngelikaBiggie, noMnu Chris Mabunda abambisene naye ebhizinisini.

Laba bathi baqale ukulahlekelwa yimfuyo kusuka ngowezi-2014 kuya kowezi-2015 - okubalwa kuyo izimvu ezingama-54, yizinkomo ezingama-94 nezimbuzi ezingama-90.

Ithumba libhotshozwe nguThusi ofanise enye yezimbuzi ezipholele kwakhe ebuka iSibaya.

Ube esethinta uzakwabo, bagcina benikela lapho siqoshelwa khona (Isibaya) eCleveland, eGoli, nebala wavela umayihlokoze. Uthi nakuba bengayitholanga yonke imfuyo yabo khona kodwa kucacele wonke umuntu ukuthi umkhuba ukhona kwiSibaya, bathola nomsolwa (esiligodlile igama lakhe njengoba engakaveli enkantolo), babe sebeyovula amacala ehlukene ngokwezilwane ezintshontshiwe eMondeor Police Station, khona eGoli.

UKapteni Nokulunga Dube okhulumela lesi siteshi samaphoyisa uwaqinisekisile amacala amathathu avulwe kulesi siteshi, okwebiwa kwemfuyo, kanjalo nezinsuku avulwe ngazo.

OLUNYE UDABA: Kucelwa imiphakathi ukuba yamukele abane-HIV/AIDS

"Imininingwane ephelele yokuthi uphenyo selufinyelele kuphi kanginayo, ikubaphenyi kodwa wona amacala uwavulile kulesi siteshi uMabunda," usho kanje.

UMnu Thusi uthi bathuke isimanga sekuvumbuka abanye abalimi abathi nabo bantshontshelwe imfuyo yabo yiyo le nkampani, futhi sebeyilandile enye yayo. Babe sebehlela umhlangano obungoLwesine ntambama.

Kulowo mhlangano kuthiwa kufike abalimi abangama-29 nabo abakhala ngokuntshontshelwa.

"Sivumelene ngokuhlela umbhikisho ngoba kusicacele ukuthi sisazoqhubeka nokwebelwa. Sifuna okungenani basuke la beqophela khona ngoba kuseduze namapulazi ethu. Thina sathenga inqwaba yale mfuyo ngoba siyayizalanisa, siyidayisele (abadayisa) inyama. Okusicasule kakhulu wukuthi u... (emgagula ngegama) afune ukusithenga ngokuthi asinike imisebenzana ebizosiholela njalo ngenyanga nakuba ebezivumele yena waze wabhala kwi-affidavit ukuthi uzoyikhokha imali esiyifunayo ewu-R1.4 million, ungakadluli umhlaka-2 kuLwezi (November). Kuthe uma sesishaya leso sikhathi ebesivumelane ngaso wathi ucela ukuqasha inkampani yami iSANA VIP Protection ukuba ithuthe izizebenzi zeSibaya, nenye yokupheka iBNMT Events, wathi uzozikhokhela u-R40 000 (inkampani ngayinye) njalo ngenyanga.

NgoMsombuluko odlule ntambama ngele-5 bekumele sihlangane nabaqondisi be-Bomb Productions kodwa savinjwa ngabaqaphi bakhona esangweni, basinqabela ukungena. Yiqiniso ukuthi icala libhekene nomsolwa kodwa phela usebenzela iBomb Productions.

Sifuna imali yethu, hhayi imfuyo ngoba wazivumela ukuthi kayisekho?" kusho uMnu Thusi.

Ethintwa yiLANGA LangeSonto kumakhalekhukhwini, umsolwa uziphikile, wabuye wathi akafuni ukuphawula ngalolu daba.

UKutlwano Ditsele weBomb Productions uvumile ukuthi uyalwazi udaba lwezimbuzi ezisetshenziswa kwiSibaya, wavuma futhi ukuthi uyamazi nomsolwa ngoba usebenzela iBomb Productions.

"Ophenyweni lwethu esilwenzile selokhu kuvumbuke lolu daba kuyasicacela ukuthi iBomb Productions neSibaya kabangeni ndawo kodwa lolu wudaba oluphakathi kwakhe u....(esho umsolwa), nalaba abathi bantshontshelwe. Thina sinobufakazi bokuthi besiyikhokhela, siyirenta imfuyo ebesiyisebenzisa selokhu saqala ukukhiqiza iSibaya.

Kumele bayilungise bodwa (indaba) eceleni, hhayi nathi," usho kanje.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C More sun than clouds. Mild.
Dbn: 16-20°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...