OwePirates uthi izinto azihlangani kahle

2017-04-06 18:03

Durban - Uvuma eyokungahlangani kahle kwezinto umqeqeshi we-Orlando Pirates okuvela ukuthi kunabadlali angajabulile ngendlela abadlala ngayo ekubeni bebadala ekilabhini, kubika iLANGA.

IBucs izodudulana neFree State Stars ku-Last 16 yeNedbank Cup ngoMgqibelo ngo-20h15 eJames Motlatsi Stadium, e-Orkney.

La makilabhu atholana nje akukapheli sikhathi esingakanani egadulisene njengoba edlale ngoMgqibelo kusihlwa kuyo le nkundla iBucs yaguqa ngo-3-2 kowe-Absa Premiership.

UKjell Jonevret ocija iBucs uvuma ukuthi izinto azikahlangani kahle kwezakhe wazwakalisa nokungenami ngabadlali abathile.

"Indlela esidlale ngayo sibhekene nayo iFree State ayingichazanga neze ingenze ngazibona ngisebenzela emuva kunokuthi siye phambili.

Kodwa-ke yonke lento idalwa wukuthi kunabadlali abangasiniki lokho okufanele basinike kona.

Njengabantu abadala kufanele ngabe baba yisibonelo kunalokho benza amaphutha awubungane agcina ebulale ikilabhu.

OLUNYE UDABA:UMBONO:'Akanikezwe ithuba umqeqeshi omusha wePirates'

Kodwa-ke sihlalile sazibheka izinkinga ngithemba ukuthi kulo mdlalo weFree State abantu bazobona umdlalo ohlukile futhi ngeke sikuvumele ukukhutshwa yitshe elilodwa kabili," kusho lo mqeqeshi.

USerame Letsoaka ocija iFree State uthi iPirates izoba nzima njengoba isibuya okwesibili kubona.

"Akulula ukubhekana nekilabhu eyodwa esikhathini esifushane kanje kuvele kube nzima.

Kodwa-ke nawo lo mdlalo sizoya kuwona siwulungiselele ngokweqophelo eliphezulu.

Siyakwazi okufanele sikwenze ngakho-ke anginalo uvalo yize silindele umdlalo ohlukile kulokhu," kusho uLetsoaka. 

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Mostly sunny. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...