OweGospel usolwa ngokuba yiqola

2017-04-16 13:59

Durban - Ivutha ingabaselwe indoda esola isihlabani somculo weGospel ngokukhala amaphepha nemali yayo.

UHloni Makeba ongowokudabuka eKatlehong, eGoli, uthi akafuni nokuyizwa indaba kaDr Tumi Makweya omkweleta isizumbulu semali.

UHloni uthe uDr Tumi nguyena obengumgqugquzeliwemisebenzi yakhe ngokubambisana nethimba lakhe.

Uthi uwina izindondo ze-SABC Gospel Crown Music Awards nje, kuyimisebenzi yakhe nethimba elisebenza ngaphansi kwakhe uHloni.

ILanga LangeSonto lipotshozelwe yimithombo yalo ethembekile ukuthi lesi sihlabani se-gospel sicwile ezikweletini zabantu ebesisebenza nabo.

OLUNYE UDABA: UDr Tumi ushanelile kumaCrown Gospel Awards

UHloni ungomunye wabo abakweletwa izindodla zemali. Ngesikhathi ethintwa uHloni ubengakwazi ngisho ukukhuluma wukucasuka.

"Ngeke ngikwazi ukukhuluma ngalolu daba, luyangicasula," kuchaza uHloni. 

Sizamile ukukhuluma naye ediniwe enjalo kodwa ubengagudluki emazwini akhe okuthi iyamdina le ndaba.

"Njengoba ngishilo iyangicasula le ndaba, okufike kungicasule kakhulu wukuthi uTumi ubukeka njengomuntu olungileyo ebantwini kodwa thina esimenzela umsebenzi akasazi nokuthi siyini," kuchaza uHloni.

Uqhube ngokuthi ngendlela olumnyanyisa ngayo lolu daba, ngisho eyibona kumabonakude le ndoda kuvele kuthi akawukhahlele. Uthe okubuhlungu kakhulu wukuthi le nceku kayisazibambi izingcingo zakhe.

"Kade ngagcina ukukhuluma naye, okubuhlungu kakhulu nje wukungasatholakali kwakhe ezingcingweni, manje ngizomfonelelani?" Kuqhuba uHloni.

Ebuzwa ngokuthi useke walubika yini emaphoyiseni lolu daba, uthe akasiboni isidingo sokuya emaphoyiseni ngoba uTumi uyasazi isikweletu sakhe, into ebalulekile nje wukuthi akhokhe imali yakhe angalokhu embalekela.

UDr Tumi ngonyaka owedlule wethuse abaningi ekhala emuka nezindondo eziyisihlanu kuma-SABC Gospel Crown Music Awards.

Lo mculi ubengaziwa kangako, kodwa ngemuva  kokuqoqa kwakhe inqwaba yezindondo wangena shi emehlweni abantu.

Akagcinanga kumaCrwon kodwa ufike nakumaMetro FM Music Awards wazicoshela enye indondo.

UDr Tumi ungudokotela ohlonishwayo ngeziqu.

Ethintwa uDr Tumi ngalolu daba uthe ucela ukunikwa ithuba elincane ukuba ayokhuluma noHloni. Uvumile ukuthi uyamazi uHloni wacela ukunikwa isikhashana sokuyokhuluma naye ukuze azi udaba lwakhe.

"Ngiyamazi uHloni kodwa ngicela ukubuyela kuwena, ngifuna ukukhuluma naye kahle kuqala ngaloli daba ngaphambi kokuba ngiphawule ngalo," kuchaza uDr Tumi.

Akabange esabuyela entathelini ukuchaza ukuthi bakhulume bafikaphi ngalo njengoba ebecelile kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engasatholakali.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...