OweChiefs ucishe wavulela ngequpha

2018-04-08 10:38

Usinde ekufinyisweni igazi nguSteve “Mphathi” Komphela ongumqeqeshi weKaizer Chiefs uLuc Eymael owenza umsebenzi ofanayo kwiFree State Stars.

ILANGA LangeSonto lithole ukuthi kwale kancane ukuba uKomphela axove ngequpha u-Eymael emsola ngokuphapha. Lesi sigameko kuthiwa senzeke ngemuva komdlalo we-Absa Premiership lapho iChiefs iguqise khona iStars ngo-1-0 wegoli likaTeenage Hadebe ngoLwesithathu ebusuku eGoble Park Stadium, eBethlehem.

Lo mdlalo ububhekwe ngabomvu kwazise u-Eymael ukhonjwa esigqikini sikaKomphela kwiChiefs.

Kuyiwe kulo mdlalo u-Eymael esanda kushiya angalazi kuKomphela emsola ngokukhuluma amazwi ayiziswana kuyena. Uze walibeka ngesihloko elokuthi uKomphela akabheke umsebenzi wakhe kwiChiefs, angafuni ukuvika ngabanye abantu njengoba ehluleka.

Leli phephandaba lithole ukuthi u-Eymael ucishe wathola isibhaxu kuKomphela emuva kwalo mdlalo, ngasezindlini zokushintshela.

U-Eymael ubengahleli ebhentshini kulo mdlalo kwazise ubedonsa isigwebo semidlalo emibili asinikwe yikomidi eliqondisa izigwegwe ku-PSL ngenxa yokuhluleka wukuziphatha.

Kuthiwa lo mqeqeshi odabuka eBelgium uye kuKomphela emuva komdlalo wakhuluma naye sakubhuqa, efuna nokumxhawula.

Thola udaba oluphelele kwi-LANGA LangeSonto.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...