OweBucs uzibona esebenzela emuva

2017-10-02 18:00

Durban  - Ukhala ngokusebenzela emuva njengenkukhu uMilutin "Micho” Sredojevic ongumqeqeshi we-Orlando Pirates ecazelane amaphuzu kanzima ibambana nePolokwane City ngo-2-2 kowe-Absa Premiership ngoMgqibelo ebusuku ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

EzikaMagebhula zitakulwe uThamsanqa Gabuza oshaye amagoli amabili kulo Mdlalo. AwePolokwane abhakuziswe ezintanjeni nguRendani Ndou noRodney Ramagalela. Womabili amagoli angenele iBucs kube ngamaphutha awubungane enziwe ngabadlali bayo.

USredojevic uthi uthukile uma ebona amaphutha enzeka emuva ekubeni ebesezitshela ukuthi useyelaphile inkinga ekhona, kubika ILANGA.

“IPolokwane iwaphiwe yithina amagoli. Kuwo womabili amagoli senze amaphutha, yasilimaza ngawo womabili. Emuva besingebahle kahle kanti bese ngithi ngilungisile, unozinti ubengaxhumani kahle nezitobha. Kodwa-ke ngijabule ngomphumela yize besingawunqoba lo mdlalo.

OLUNYE UDABA: USandilands ufuna iPirates iphendule amatafula

“Abafana bami bakhombisile ukuthi bayalilwela ibheji lethu, baqhubeka bahlasela kunzima lapho abantu sebezitshela ukuthi sehluliwe sakwazi ukushaya igoli umdlalo ususesikhathini esengeziwe,” kusho lo mqeqeshi ozijike kakhulu izinto kwiBucs njengoba seyidlala ibhola elibukekayo.

UBernard Molekwa obambe izintambo zokulolonga kwiPolokwane uthi baphunyukwe yiqatha emlonyeni.

“Ngeke ngigxeke kakhulu unozinti wethu ngephutha alenze umdlalo usuzophela, saphunyukwa yinyamazane sesiyibambile.

“Empeleni unozinti wethu usitakulile ikakhulukazi ngesiwombe sokuqala siye ekhefini sihlulwa kodwa wavimba amabhola ayingozi.

"Ngijabule ngoba kasihlulwanga kodwa ngiyakhala ngokuphucwa iqatha selisemlonyeni,” kusho uMolekwa.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...