Owayedlala ku-PSL ubhadle ejele ngelokudlwengula

2017-10-12 16:03

Durban - Ubhadle ejele umdlali ozakhele udumo kwi-Absa Premiership ngomjiko oshiya abalandeli bebambe ongezansi njengoba ebhekene necala lokudlwengula.

UMasibusane Zongo, 27, ogcine ukubonakala ebholeni ngesizini eyedlule egijima kuRoyal Eagles edlala kwiNational First Division kuthiwa ubhadle ezitokisini zasesiteshini eWestern Cape njengoba ephule imibandela yakhe yebheyili.

Lo mdlali uzithola ebhadle ejele nje, uvulelwe icala lokudlwengula yintombazane eneminyaka engu-19 ubudala eKapa ngoFebhuwari 2013.

Uboshwe ngomhlaka-7 Mashi ngonyaka ofanayo wabe esededelwa ngebheyili, kubika ILANGA.

Emuva kokudedelwa ube esenyamalala okwenze kwaphuma incwadi egunyaza ukuba aboshwe ekuqaleni kwalo nyaka. Ugcine ngokuboshwa njengoba kuvela ukuthi ubhadle esiteshini samaphoyisa akasalitholi ithuba lokudlala ibhola.

OLUNYE UDABA: Usephinde washaya adume ngazo uMasibusane Zongo

Okhulumela i-NPA eWestern Cape u-Eric Ntabazalila ukuqinisekisile ukuthi lo mdlali ubhadle ejele kanti kungekudala lizoqala ukuqulwa icala lakhe. Nokho kuthiwa uyaliphika.

"Ngingakuqinisekisa ukuthi uMasibusane Zongo ubekwe icala lokudlwengula intombazane eneminyaka engu-19 ubudala eGoodwood ngo-2013. Uboshwe ngoMashi wavela eNkantolo yesiFunda eParow ngawo lowo nyaka.

"Udedelwe ngebheyili ngemibandela yokuthi kufanele avele enkantolo kodwa wangakwenza lokho yabe isicwila ibheyili yakhe waboshwa. Njengamanje ubhadle esiteshini samaphoyisa kuze kube kuphothulwa icala," esho.

Uthe ummeli wakhe wacela ukuhoxa ekumeleni lo mdlali, wabe esethola omusha.

Icala liphindela enkantolo ngoLwesihlanu (kusasa).

UZongo uzithola ebhekene nale nkinga nje ubevele edume ngokuhlupha emakilabhini abedlala kuwo njengoba ubengalubhadi ejimini ancamele ukuyodakwa.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 14-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-22°C Showers early. More clouds than sun. Mild. PE: 12-20°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...