Onebala elimhlophe uyeke isikole ngoba 'ezingelwa'

2017-05-08 12:34

Durban - Ihlafuna ijeqeza intombazanyana yasesiYembeni eMtubatuba, ogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal, ene-albinism esihlala izivalele endlini emuva kokulandelwa yimoto engaziwa.

UNokwazi Simelane, 17, ofunda umatikuletsheni e-Siphikelele High School khona eMtubatuba, usencamela ukungayi isikoleni emuva kokusinda kabili ifunwa ngabantu abangaziwa okuthiwa bahamba ngeToyota Corolla.

Kubikwa ukuthi sekukabili kufika umuntu thizeni eduze kwalapho kuhlala khona uNokwazi, emfuna. Esigamekweni sokuqala - kuthiwa lo muntu ongaziwa endaweni - umise abangani bakaNokwazi ebabuza ukuthi angamthola kuphi nendawo.

Kuthiwa abangani bakhe kabazange bamdalule ukuthi ukuphi, okuyinto okuthiwa imcasulile lona wesilisa. Kwenzeka lokhu nje, kuthiwa kunothisha obefundisa uNokwazi ngonyaka ophelile oke wamdlalisa ngokuthi uma engamntshontsha angathola imali eshisiwe.

UNkz Phiwokuhle Simelane ongunina kaNokwazi, uthi akasabazi ubuthongo kanti usecabanga nokuyeka umsebenzi ayozigadela indodakazi yakhe njengoba ingasayi esikoleni. Uthi okumphatha kabi kakhulu wukuthi ukuthunjwa kwabanebala elimhlophe babulawe bacwiywe, kudlangile kule ndawo.

"Le nto iqale ukwenzeka ngenyanga ephelile ngesikhathi indodakazi yami iyotadisha nozakwabo komunye umuzi. Kuthe sekuhwalele bematasa betadisha, kwaqhuma imoto engaziwa kanti abanye abangani bengaphandle. Kule moto kuphume owesilisa ongaziwa, waqonda kumngani wendodakazi wabuza ukuthi 'ingene kuphi le ntombazane eyisiphiwo'. Ngenxa yokuthi umngani wendodakazi ubengamazi lo muntu, uyilandulile wathi akayazi.

"Lo muntu uqhubekile nokuyibuza esho nokuthi ifunda kusiphi isikole. Uqhubekile nokuyilandula umngani wayo, lo muntu wabe esengena emotweni ehamba. Kuthe nje kuqeda ukwenzeka lokho, bangishayela ucingo bengazisa. Ngibe senginikela emaphoyiseni ngiyobika, athe ngeke akwazi ukungisiza ngoba akekho obone izinombolo zemoto futhi nombala wayo akekho owunakile," kusho uNkz Simelane.

Uthi indodakazi yakhe ihlale isonto lonke ingayi esikoleni waze wathola ucingo kuthishanhloko ebuza ukuthi kwenzenjani ngoba iyasala ezifundweni. Uthi uzamile ukukhuluma nendodakazi yakhe yaphindela esikoleni ngoLwesine olwendule.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe umsakazi ongumlingisi ngokushayela ephuzile

"Kuthe kusaphele usuku ebuyelile esikoleni, ngoLwesihlanu wabuya futhi lo muntu esehamba ngemoto ngeToyota Corolla, ehamba nomunye phakathi. Ufike wama ngasesikoleni balinda saze saphuma. Indodakazi yami ibalekile yaphuma ngemuva kwesikole, yambamba ehlathini ngoba abangani bayo bese bembonile lo muntu obeyifuna phambilini. Kusukela lapho kayiphindanga yalubhada esikoleni. Abebekhona ngesikhathi kwenzeka lokhu, bakwazile ukuthatha izinombolo zemoto ngabe sengiziyisa emaphoyiseni. Kufike kwavela ukuthi ngezeHyundai hhayi iCorolla, okwenza sisole ukuthi lokhu bebekwenza ukudida umkhondo," kusho uNkz Simelane.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbele, uthi kalikho icala elingavulwa okwamanje njengoba lona wesilisa engakaze ayiqonde ingane. Uthi icala belingavulwa uma ubeyisabisa ndlela thize. UMnu Mxolisi Mthethwa oyikhansela kule ndawo, uthi useluzwile lolu daba kanti useke wawuvakashela nomndeni kaNolwazi.

"Okungidabukise kakhulu, ngithe ngima nje egcekeni ngemoto yavele yaphuma yabaleka le ntombazanyana, ngicabanga ukuthi ibizitshela ukuthi yibona laba bantu abayifunayo. Ngisazozama ukuxhumana nomphathi wesiteshi samaphoyisa aKwaMsane sibonisane ngalolu daba ngoba nalo thisha obedlalisa ingane kumele ibhekisiswe indaba yakhe ukuthi ubesho ukuthini ngalokhu," kusho uMnu Mbele.

Uthi nomphakathi uzokwaziswa ngalolu daba ukuze uzohlale uqaphile. UMnu Maxwell Thabethe we-Albinism Society KwaZulu-Natal, uthi kumele umzali aye emaphoyiseni awabikele ngalokhu.

Uthi ziningi izigameko ezinjena ezike zithatheke kalula kugcine ngokuthi athunjwe umuntu onebala elimhlophe.

"Kunodaba olufana ncamashi nalolu esilusebenzayo eMandeni kanti umndeni wakhona usulivulile icala. Kuyaye kube nzima ukuvula icala ezigamekweni ezinjena kodwa siyazama ukuyilwa le nto futhi izolunga maduze. Ngizoxhumana nalo mndeni ukuze sibone ukuthi singawulekelela kanjani njengenhlangano ukuze uzovula icala. Siyacela namalunga omphakathi ukuba asebenzisane, kubanjwe laba bantu," kusho yena.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Sunny. Cool. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -2-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 7-17°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...