Omunye usaziwayo othi uzoduba ama-awards uma uBabes Wodumo engawini

2017-05-14 16:00

Durban -  Isihlabani sekwaito, uProfessor Langa, sifunga siyagomela ukuthi sizoyiduba imicimbini yama-award uma uBabes Wodumo ebuya elambatha kumaSouth African Music Awards (SAMA) azobanjelwa eSun City Superbowl eNorth West.

UProfessor uthi kumphatha kabi ukuthi kuma-award asedlule uBabes ogamalakhe langempela uBongekile Simelane akakaze aklonyeliswe nakanye.

Uthi kuyinto ecacele wonke umuntu ukuthi uBabes ube nonyaka omunye futhi nengoma yakhe ihambe phambili kakhulu.

"Akekho ongakuboni ukuthi uBabes ukufanele ukuklonyeliswa ngaphandle kokushona ezintangeni,"esho.

UProfessor uthi usola ukubukeleka phansi komculo wekwaito okwenza le ntokazi edume ngomdanso ingaklonyeliswa ngezindondo.

"Umculo wekwaito yiwona ovutshelwe eMzansi kodwa kuyadumaza ukuthi awukutholi ukuhlonishwa okufanele kunalokho ubukeleka phansi futhi uthathwa kancane," kusho uProfessor.

Uqhuba ngokuthi uma uBabes engahlabani kumaSAMA yena ngeke aphinde azibandakanye nemicimbi yama-award.

OLUNYE UDABA:UZuma, uBabes Wodumo, uMandoza noZalo, bahamba phambili kuGoogle

"Angifuni nokuthi baphinde bangifake kuyona ngoba kuzobe kucaca ukuthi kuyenzelelwa," esho enikina ikhanda ekhombisa ukunengeka.

"Ngokwami uBabes kumele abuye nezindondo ze-Best Kwaito, Best Female, Best Newcomer ne-Hit Single of the Year. Ngempela ngiyafunga ngiyagomela ngeke ngiphinde ngiwangenele, ngizowaduba nje straight," engeza ngokuthi kuzobe kudlalwa ngoBabes uma ebuya elambatha.

Akafunanga ukwanda kabanzi ngezinsolo zokuthi kunezinkampani ezithenga ama-award.

"Uma befuna angathengwa makungavotwa, umuntu aklonyeliswe ngoba kumfanele ngoba uma uvotisa nakanjani onemali uzohlala enqoba ngoba uzosebenzisa imali ukuthenga ama-airtime emali eshisiwe," esho.

Khona manjalo uDr Malinga ongomunye wabaculi asebeke baphumela obala ngokweseka uBabes Wodumo kuma-award uthi naye uzodumala kakhulu uma engahlabani ngalutho ikakhulukazi kweyeSong of the Year ngengoma yakhe esihloko sithi "Wololo".

"Angisafuni ukuzingena lezi zama-award ngoba ziyakhulumisa kodwa iqiniso kumele lihlale obala, ukufanele ukunqoba uBabes," esho.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-29°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-28°C a few tstorms. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-27°C Heavy rain. Breaks of sun late. Warm. PE: 14-19°C Passing showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...