Okusha ngengane 'ebiduke' neshende

2017-04-13 11:01

Durban - Itholakele ingane yowesifazane waseNewlands East, entshonalanga yeTheku, ofele emanyaleni njengoba kusolwa ukuthi ubulawe yishende ngokuba limphuzise ushevu bebanga ingane.

ILANGA libike kabanzi ngeledlule ngowesifazane onguNonhlanhla Cekwayo,31, oshiye umyeni esanda kubeletha wathi uyovakasha kubo, eyobakhombisa ingane, kanti uyihambisa eshendeni nalo ebelazi ukuthi ingane ngeyalo.

Ubephithene ikhanda umyeni kaCekwayo uMzwenhlanhla Gumede,43, waseMkhomazi iningizimu yeTheku, ngesigameko sokushona kwengoduso yakhe abeyilindele ukuba ibuye ekhaya ngeSonto.

UGumede ubekhala ngokuthi indodakazi yakhe enenyanga eyodwa izelwe ihambe nesoka lengoduso yakhe njengoba bekungaziwa ukuthi bobabili bakuziphi izinkalo.

Exoxa ne-ILANGA, uthe ingane ilethwe yishende kumasitende lapho ebeliqashe khona emijondolo yaseNewlands East ngeSonto ebusuku.

OLUNYE UDABA: Ufele emanyaleni owengane 'enobaba ababili'

“Ngithole ucingo oluvela kumasitende ngeSonto ebusuku. Engazisa ukuthi ishende liyilethile ingane. Ngishiye ebengikwenza ngaphuthuma khona ngayoyilanda.

“Kwehle umthwalo emahlombe ami njengoba ingane itholakele futhi ngijabulile ngalokho kwazise bengingazi ukuthi ikuphi nezinkalo.

“Okubuhlungu wukuthi umufi ungiqambele amanga njengoba ehambe endlini ethi uyovakashela abantu bakubo kanti ubehleli neshende sonke lesi sikhathi.”

UGumede uthi ingane ithathwe ngunanikhulu ngoLwesibili waya nayo ePort Shepstone.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 5-18°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-15°C Sunny. Cool. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-21°C Sunny. Cool. PE: 11-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...