Okukhalisa iChiefs sekugadla kwiDowns

2017-07-06 11:01

Durban - IMamelodi Sundowns isijoyine isililo seKaizer Chiefs ngentengo ephezulu ebekwa ngamakilabhu phezu kwabadlali abagijima kwiPremier Soccer League abasuke befuneka eChloorkop naseNaturena ngokwahlukana.

UBobby "Bobsteak" Motaung oyiMenenja-jikelele yeChiefs sekukaningi ephumela obala, ekhala ngemali enkulu efunwa ngamakilabhu nxa ethola ukuthi kunomdlali ogaqelwe yiziMpofana.

Ugcine esesola nabaphathi babadlali ngokusebenzisa igama leChiefs ukunyusa intengo yabadlali ababaphethe, kubika ILANGA.

Lesi sikhalo sesizwakaliswe nayiSundowns edume ngokuba ngomacaphunakusale kunobhutshuzwayo eNingizimu Afrika njengoba iphethwe ngusozigidigidi ohlonishwa umhlaba wonke, uPatrice Motsepe.

ISundowns ibidume ngokusayinisa kwasani emakethe, kungakhathaleki ukuthi umdlali ubiza malini. Nokho izinto sezijikile muva nje njengoba isisayinisa ngokucophelela kusuka ohlotsheni lwabadlali kuya entengweni ephezulu kwabo.

OLUNYE UDABA: IPirates ifuna umdlali weChiefs ‘onganeme’ - Umbiko

UManqoba "TV" Mngqithi oyisekela likaPitso "Jingles" Mosimane ocija iDowns, ugxeke amakilabhu akuleli ngokudulisa ab adlali kungenasidingo.

"Kunabadlali esibadingayo ukuqinisa ikilabhu. Nokho sekunzima kakhulu ukubathola kuleli kwazise sebemba eqolo ngokungenasidingo. Amakilabhu avele afune imali esabisayo okwenza sigcine sesihosha izinyawo kwabanye abadlali ngoba basuke bengayifanele leyo mali," kusho UMngqithi ongathandanga ukudalula amanani aphezulu kumbe abadlali ababagaqele.

Lo mqeqeshi ukhuluma ngalolu hlobo nje, iBidvest Wits isanda kukhala esifanayo ngemali okubikwa ukuthi ifunwa ngamaSandawana ngabadlali ababili abebebolekwe yiziTshudeni ngesizini eyedlule.

Laba badlali abasize iWits inqobe i-Absa Premiership ngoMogakolodi Ngele noCuthbert Malajila abangabagali.

IDowns ibeke u-R10 million ekhanda lomdlali emunye okuthiwa kwenze iWits yadla phansi.

IWits igcine isayinise uSteven "Schillo" Pienaar noDaylon Classen abaphuma e-Europe ehlose ngabo ukuzama ukuvikela isicoco seligi nese-MTN8. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

UKini Shandu ukhonjwa oKhozini

Emizuzwini eyi-52 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Scattered showers. Clearing skies. Cool. Pta: 13-31°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...