ODJ bahalalisele uBlack Coffee ngempumelelo yakhe

2017-05-01 10:04

Durban - Basamthwele ngeqoma uBlack Coffee oDJ abalaxaza isitebele sakhe iSoulistic Music. UShimza noCuloe de Song basaqhubeka nokusihlonipha lesi sihlabani sikaDJ esesizakhele igama nakwamanje amazwe futhi esesike sahlabana ngendondo yeBET.

UShimza noCuloe de Song bebekhona emcimbini wesiqholo i-Axe wokumemezela ukuthi uBlack Coffee uzosebenzisana naso ukuvundulula uDJ osezingeni eliphezulu.

Lo mcimbi ubuseBraamfontein eGoli ngoMsombuluko. UShimza uhalalisele uBlack Coffee ngempumelelo yakhe.

OLUNYE UDABA:Odume ngokukhuluma uncome u DJ Black Coffee

Ekhuluma neLanga LangeSonto ukubeke kwacaca ukuthi uyamhlonipha lo DJ futhi uyohlale njalo embonga ngeqhaza alibambile ekuthuthukiseni ikhono lakhe lokuklwebha amapuleti.

"UBlack Coffee ufana nomfowethu omdala. Namanje ngisaxhumana naye uma kukhona engifuna angicobelele ngakho," kusho uShimza.

Uthi kumphathe kabi okubikwe ngamaphephandaba ngesikhathi kuvela ukuthi akaseyona ingxenye yenkampani iSoullistic.

'Angizange futhi angikaze ngixabane noBlack Coffee futhi naye uyalazi iqiniso yingakho ngikhona lana ukuzomhalalisela ngempumelelo yakhe, nebanga aselihambile futhi ngisazoqhubeka nokubukela kuyena," esho.

UCuloe de Dong naye uhambe emazwini kaShimza wathi uyamhlonipha kakhulu futhi ungomunye wabantu abasaqhubeka nokubeka iNingizumu Afrika kwibalazwe lomhlaba kulo mkhakha," kusho uCuloe de Song naye osezakhele igama nakwanaye amazwe.

Lo mcimbi ubuhanjelwe ngosaziwayo noDJ okubalwa kubo uCassper Nyovest, Maps Maponyane, Major League DJs, Kay Sibiya, nabanye abaningi.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...