Ngeke isehlule iChiefs, ngisho isikhala - Umqeqeshi

2017-09-28 14:00

Durban - Uguqa ngedolo kubalandeli beKaizer Chiefs KwaZulu-Natal uSiphiwe ‘Shabba’ Tshabalala ongaconsi phansi kubalalandeli bale kilabhu ezodlala neBaroka FC kowe-Absa Premiership ngoMgqibelo ngo-18:00 eMoses Mabhida, eThekwini.

UShabba unxusa abalandeli beziMpofana ukuba baphume ngobuningi babo ukuzogqiba iBaroka ngesethembiso sokuthi bazophuma kuvela elomhlathi, sebephule irekhodi lokungehlulwa kweBaroka kule sizizini, kubika ILANGA.

Lo mdlali ugijima ingcwenga yebhola kulezi zinsuku futhi ushayela le kilabhu amagoli amqoka aphinde aqhamuke neminyakazo exoxa indaba.

Kulo mdlalo kulindeleke ukuba kuphume nesinedolo kwazise kuphele inyanga, cishe bonke abalandeli bakanobhutshuzwayo abasebenzayo bazokube beholile.

Ngaphandle kwalokho, la makilabhu atholana nje, womabili asefomini njengoba neBaroka FC ivutha ingabaselwe. IBaroka ithembe kakhulu ongusomaqhinga wayo oyazi njengoba ezazi iChiefs, uDoctor ‘16’ Khumalo, kwazise ukhulele kuyona.

Nokho uTshabalala uthembisa abalandeli babo into yamehlo kulo mdlalo.

OLUNYE UDABA: Uxwayisa ngokudembesela unozinti

“Uma ubheka indlela esidlala ngayo njengamanje ukuzethemba kubuyile. Kodwa-ke kasikafiki lapho esifuna khona ngoba sisabuye silahle amaphuzu kweminye imidlalo. Engifuna ukukuthembisa abalandeli bethu ikakhulukazi abaKwaZulu-Natal ngalo mdlalo wukuthi bangabi novalo, noma kanjani sizothatha amaphuzu amathathu.

“Ngaphandle kwalokho bazobona nebhola eliseqophelweni eliphezulu ngendlela eyisimanga. Engikucelayo nje wukuthi baphume ngobuningi babo ukuzoseseseka. ITheku selifana nekhaya lethu isibili ngakho-ke kasikwazi ukuphoxa noma kanjani sizonqoba,” kusho uTshabalala.

UKgoloko Thobejane ocija iBaroka, uthi iChiefs ngeke ibehlule ngisho isikhala.

“Uma singehlulwa yiChiefs ngizobona ukuthi kasiyazi into esiyenzayo, ngokwami nje bazosinikelela ngamaphuzu. Kasinandaba nokuthi sidlalela kuphi nabo kodwa engingakuqinisekisa ukuthi bazohamba bekhala abalandeli babo ngoba sizobehlula.

“Ngeke sivume ukuthi irekhodi lethu lokungehlulwa lephulwe yiChiefs. Sizofela enkundleni,” kusho uThobejane.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...