Lizifake ehlazweni isekela leMeya elisolwa ngokweba

2017-05-18 16:02

Durban - Lizifake ehlazweni iPhini leMeya kaMasipala wakwaZulu-Natal elisolwa ngokweba izicathulo zikanokusho kwesinye sezitolo zasoPhongolo.

Kubikwa ukuthi lolu daba lukhulunyelwa phansi kumasipala waleli sekela ngoba luthinta umuntu omkhulu nohloniphekile.

Ngokuthoa kwaLANGA, leli sekela-meya lingene kulesi sitolo liyokhononda ngezicathulo ebelizithengile ngaphambilini, lifuna ukuba zishintshwe.

Kuthiwa kube nokuhilizisana phakathi kwakhe nemenenja yesitolo kwazise bebenqaba ukumshintshela izicathulo.

OLUNYE UDABA:Unogada webe umantrasi wadayisela umuntu, baboshwa bobabili

Kuthiwa leli sekela lidinwe lathatha ezinye izicathulo lashaya lachitha nazo.

Umthombo waleli phephandaba uthi lolu daba lubikwe emaphoyiseni kodwa kuze kube manje akaze aboshwe umsolwa ngoba nakhu eyesikhulu.

"Umsolwa ube nengxabano nemenenja yasitolo ngokuthi uphindisele izicathulo ngoba engaseneme ngazo. Uthe ebona ukuthi abamshintsheli wazijikijela le kude maqede wathatha ezinye waphuma nazo," kusho umthombo.

Okhulumela amaphoyisa uNqobile Gwala uvumile ukuthi kuvulwe icala lokweba, kodwa akukaboshwa muntu ngoba amaphoyisa asaphenya ngalesi sigameko.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-30°C High level clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C Passing showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...