Liyakhala ikhehla elikhishwe endlini ngumfana ebelimcuphisile

2017-07-13 14:04

Durban - Usengundingasithebeni owesilisa osekhulile oshaywe waze waxoshwa emzini wakhe ngumfana olinganiselwa eminyakeni engu-25 ubudala, abemgobise amadlangala.

Usenkingeni uCija Wandla, 57, wakwa-B eMlazi, eningizimu yeTheku obhaxathulwe ngumfana okuthiwa ubecelelwe ukuba afihle ikhanda (emzini kalona wesilisa), ngobeyikhansela phambilini kwazise ubexoshwe ngabazli bakhe ngenxa yokungaboni ngasolinye.

Kuthiwa uThandi Langa obeyikhansela kuwadi 81 khona eMlazi - ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya lwangomhlaka-3 Agasti nyakenye - ukhulume noWandla ukuba ahlalise lo mfana kwazise yena uhlala yedwa.

ILANGA lithole ukuthi uWandla ubesehlukumezeke isikhathi eside ethathelwa imali yakhe, elubika lolu daba kuLanga kodwa angamsizi. Utshele leli phephandaba  ukuthi njengamanje ubhacile, akasakwazi ukubuyela emzini wakhe ngoba wesaba lo mfana.

"Bengifika ebusuku ngehora leshumi ngoMsombuluko ngamfica elele lo mfana, wavuka embhedeni wangithela induku. Wenza lokhu nje, wukuthi besike saxabana emini sib anga ukuthi usebenzisa izimpahla zami zokugqoka, uma ngimkhuza athembise ukungishaya.

OLUNYE UDABA: Ubuhlungu ona-75 okhishwe endlini ayishiyelwa abazali

"Ngkhuluma nje, nendlu yami yomxhaso obekumele ngiyithole inikezwe abanye abantu ngaphansi kwegama lami," kusho uWandla. Kuthiwa uhlala yedwa ngoba sewahlukanisa nomkakhe.

Leli phephandaba lixhumanile noLanga wakuqinisekisa ukuthi nuyena ocelele umfana ukuba acushiswe. Uthi lokho ubekwenza ngoba ebona isimo sakhe umfana ehla enyuka engenayo indawo yokuhlala.

"Umfana uxoshwe kubo exabene nabazali bakhe wabaleka weza kimina njengomsizi wabantu, ezocela usizo. Ngimthathile saya kubazali bakhe ngiyomcelela uxolo kodwa bashaya phansi ngonyawo, bathi kabasamdingi," esho.

"Uqale ukuziveza ubunjalo bakhe nyakenye ngoba esefika umkhulu ezongibikela. Bekuthi uma nimbuza aphike ame ngentaba. Ngizamile ukuxhumana namaphoyisa ukuba asikhiphele yena endlini kamkhulu kodwa kawavumanga, athemasikhulume nabazali bakhe okuyinto ebingelula kwazise bese bemchithele kimi ngesikhathi bemxosha," kuchaza uLanga.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-18°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...