Liyabalisa isoka elishonelwe yingoduso beyohlola esibukweni

2017-05-13 15:35

Durban – Kusenzima ukukholwa ngokumehlele owesilisa waseMolweni, entshonalanga yeTheku, oshonelwe yingoduso yakhe abehlala nayo kade besenyangeni eglola ngesibuko.

UBongani Magubane, 46, uthi nakuba sekuphele inyanga lesi sigameko senzekile kodwa uma ecabanga ngaso kuvele kujame ingqondo, angazi ukuthi kumele enzeni.

Uthi baqashe imoto nengoduso yakhe, uSebenzile Ngobeni, bahamba kusempondozankomo belibangise kule nyanga eHammarsdale, kwazise ibithe kumele bafike ekuseni ibayise esibukweni.

Baya kule nyanga – esingeke siyidalule igama kwazise isivulelwe icala – nje, yingoba kuthe mhla zintathu ku-Agasti nyakenye, okuwusuku obekuvotwa ngalo okhethweni lohulumeni basekhaya, balahlekelwa yingane eneminyaka emithathu ubudala, kubika ILANGA.

Uthi nempela ifikile imoto yabathatha yayobashiya emzini wale nyanga. “Sithe sifika yasiphuzisa umuthi onombala sengathi yitiye elifakwe ubisi. Siwuthe shaqalazi ngenkomishi. Iqede lapho yasinika omunye ongathi uyizinkambi zetiye yathi masichathe ngawo.

“Sithe siqeda lapho kwavele kwavendlezela amathambo kimina, kwangavuma noma ngenzeni. Nakumama wakwami kube yinto efanayo.

“Ngicele ukuba bangilalise kungasavumi noma ngihlale, bangibeka embhedeni. Nomama wakwami ulaliswe kuwona lo mbhede ebheke ezansi mina ngibheke ngenhla. Besikhathele le nto edidayo, kungavumi ngisho sinyakazise amalunga eminwe nekhanda lingasaphakami emcamelweni.

OLUNYE UDABA: Usizi kubaba oshonelwe yizingane zakhe engozini

“Ngaleso sikhathi inyanga le ibingenandaba nathi, ibilokhu iphuma imatasa nocingo. Uma ngubuza ukuthi kuseyikho yini ukuthi sigule kangaka, yathi kuzodlula. Ngabona isimo sikamama sisibi engasakwazi nokukhuluma ngacela ukuba babize le moto ebisihambisile ukuze imhambise emtholampilo.

“Kuthe kuyogamanxa ihora lesine, yafika imoto kodwa inyanga yathi makangahambi ngayo ngoba isibizke i-ambulensi. Ngaleso sikhathi umama ubeselele eqondile nje engasanyakazi, bafika abe-ambulensi kabangamthatha, bathatha mina bathi bangiyisa emtholampilo.

“Uma ngibuza ukuthi bamshiyelani ngoba nguyena obebambeke kakhulu, bathi useshonile,” kusho uMagubane.

Uthi okunye okwamumangaza ukuthi wafonelwa ngomuntu owayengumakhelwane wakhe, osewathuthela eMgungundlovu, ethi kwaze kwabuhlungu okubavelele, nceseni.

“Usho kanjena nje bengingakatsheli muntu ngisho umndeni wami ngokusivelele. Lokhu kungishiya nemibuzo engaphenduleki namanje yokuthi wayesazi ngani ukuthi sengishonelwe,” kuqhuba uMagubane.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane uthi icala lisaqhubeka liyaphenywa.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...