Lixolise ngenkomo iGcokama Elisha

2017-07-02 13:35

Durban - Sicele uxolo esizweni nakubathandi bomculo kamasikandi isilomo sikamasikandi, ebesingahoshelani kahle nesinye isilomo salo mculo, uKhuzani "Ndlamlenze" Mpungose.

UMthandeni Manqele owaziwa ngeGcokama Elisha, ucele uxolo kubona bonke abantu baseNingizimu Afrika abathintekile ngokuziphatha kwakhe. Uhambe wayoxolisa ngenkabi yenkomo eNkosini yesizwe eMdletsheni, uBonga Mdletshe.

Ekhuluma neLANGA LangeSonto uMthandeni uthe: "Ngikhiphe inkabi okuwuphawu lokuxolisa kubona bonke abathintekile ngendlela umuntu aziphathe ngayo. Ngingasho ngithiubungane bebusekhona, umuntu akakwazanga ngisho ukuhlonipha eminye yemiyalelo ebiphakanyiswe ngamakhosi.

OLUNYE UDABA:Seliphenduke iqaqa iGcokama Elisha

"Ngibone kufanele ngixolise ngenkabi yenkomo. Indlela okwenzeka ngayo izinto kumasikandi usungathi siqalekisiwe, bekumele ibekhona indlela yokuzehlisa. 

Kubalandeli bami ngifisa ukusho ukuthi indaba yami noKhuzani Mpungose isiphelile, abantu mabeseke bonke abaculi.

"Ngiyaphinda ngiyasho, ngicela abalandeli bami bahloniphe abasakazi nezintatheli ngoba laba bantu yibona ababalulekile, abakwazi ukusixhumanisa nabalandeli bethu. Nalapho singakwazi ukufinyelela khona, abasakazi bona bayafinyelela ngephimbo, izintatheli zona zifinyelela ngepeni.

"Ngiyafisa abalandeli beGcokama beseke bonke abaculi ikakhulukazi ekuthengweni komculo, beseke nsbshjlrli bemicimbi," kusho iGcokama.

Thola udaba oluphelele kwiLANGA LangeSonto.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-28°C Showery. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-18°C Showery. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...