Lingene ehlazweni ikhansela elisolwa ngokuzitika ngomfazi womuntu

2017-12-01 18:01

Durban - Lingene kwelikhulu ihlazo ikhansela lakuwadi 17 kuMasipala Jozini, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, elihlawuliswe izinkomo ezintathu ngokuthi lilale nomfazi womuntu.

ILANGA lithole ngemithombo yalo engashayi eceleni ukuthi uMnu Thokozani Khumalo uhlawuliswe izinkomo ezintathu zoboya ngemuva kokubanjwa ukuthi ubethandana nenkosikazi yomuntu, enza nayo ucansi emzini wayo.

Ngokuthola kweLANGA, inkosikazi kaMnu Anderson Myeni - ongusomabhizinisi omncane, odayisa izinkukhu - kuthiwa uye kuMnu Khumalo eyofuna ukusizwa ngebhizinisi lakhe. Kuthiwa uMnu Khumalo uthole ithuba lokucela ucansi, ethembisa inkosikazi kaMnu Myeni ukuthi uzoyisiza ngesicelo sayo. 

Inkosikazi kuthiwa ivumele phezulu inethemba lokuthi izosizakala ngesicelo sayo. Umthombo uthi ukuya kwabo ocansini kugcine sekuyinto eyenzeka izikhathi eziningi yize inkosikazi ibingakasizakali ngebikufuna.

Uthi uMnu Khumalo ubeseziyela yena emzini kaMnu Myeni enze ucansi nenkosikazi yakhe - indoda isemsebenzini njengoba ishayela amatekisi.

"Ikhansela likwenze lokhu izikhathi eziningi zilandelana. Abasemzini baze baqala ukuqaphela ukuthi kalisapheli emzini wendodana yabo. Abafowabo bendoda balusukumelile lolu daba babikela uyise ngento abebeyibona yenzeka emzini womfowabo," kusho umthombo.

Uthi ukukhathazeka komndeni wakwaMyeni kuholele ekutheni wakhe itulo lokuthi kufonelwe uMnu Myeni kube sengathi ngumuntu ongaziwa, wabikelwa ngakho konke okwenzeka emzini wakhe uma engekho esemsebenzini.

OLUNYE UDABA: Idutshulwe yashona indoda ebizitika ngocansi epaki eThekwini

Kuthiwa uMnu Myeni uxoxele uyise mayelana nocingo aluthole kumuntu ongaziwa, emtshela ngamanyala omkakhe. Umthombo uthi umndeni ubize umhlangano ophuthumayo nomakoti okuthiwa udonse ubusuku bonke ebuzwa ngalolu daba, kwaze kwagcina ngokuthi alivume lonke iqiniso ngoba esetsheliwe ukuthi uma engalikhulumi uzoxoshwa emzini abuyele kubo.

Umthombo waleli phephandaba uveze ukuthi uMnu Khumalo ugila le mikhuba nje, naye unenkosikazi ahlala nayo emzini wakhe.

ILANGA lishayele uMnu Myeni, oluqinisekisile lolu daba kodwa wacela ukuba lungashicilelwa ephepheni ngenxa yokuthi selukhulunyiwe lwadlula.

"Kuyiqiniso, yinto ekhona le ongibuza yona kodwa ngicela ukuthi ngingayikhulumi ngoba ikhansela lixolisile ngento eliyenzile, kanjalo nenkosikazi yami ixolisile. Ikhansela lihlawulile ngento eliyenzile, kangilibambele igqubu ngokwenzekile sengidlulisile," kusho yena.

Uthi udaba baludlulisele ezinduneni zabo ukuba zingenelele ukuze kuxazululeke inkinga ebikhona. Izinduna uthi zilusingathe kahle udaba uMnu Khumalo wajeziswa ngakwenzile.

ILANGA likhulume nenduna yendawo, uMnu Jobe Gumede ebesingethe lolu daba, yakuqinisekisa ukuthi baphume nesinqumo sokuthi ikhansela lihlawule ngezinkomo ezintathu ngomonakalo eliwenze emzini kaMnu Myeni - ngemuva kokuba lizivumele ngowalo ukuthi liwenzile lo monakalo, labe seliyaxolisa kuMnu Myeni.

Ethintwa yiLANGA uMnu Khumalo, uvumile ukuthi libile khona icala elifana naleli enduneni, esolwa ngokuthi ubezitika noNkk Myeni.

“Kuyiqiniso icala lihlalile kodwa kangihlawuliswanga lutho ngenxa yokuthi kabutholakalanga ubufakazi ngento abebengisola ngayo," kusho uMnu Khumalo.

Uvumile ukuthi kuneprojekthi abeyenza nenkosikazi kaMnu Myeni kodwa wanqaba ukuveza ukuthi ngeyani.



- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...