Ligadle kwezwakala izembe kuKhozi FM

2017-08-17 19:30

Durban - Ligadle kwezwela izembe kubahlaziyi nabasakazi bezemidlalo kuKhozi FM olungaphansi komsakazeli womphakathi u-SABC.

NgoLwesithathu kuputshuke ukuthi uKhozi FM olubalwa neziteshi ezingenisa inzuzo eningi kwaSABC - ngeke luzivuselele izinkontileka zabasakazi nabahlaziyi bakanobhutshuzwayo, abombhoxo kanye nabekhilikithi.

Izinkontileka zabo ziphela ekupheleni kuka-Agasti kanti ezabanye zizophela ngenyanga ezayo.

Phakathi kwabantu abangeke besazwakala oKhozini kubalwa uBenedict "Tso" Vilakazi obehlaziya kanye no-Owen "Gatsheni" Ndlovu obesakaza ezikanobhutshuzwayo maphakathi nesonto nangezimpelasonto.

OLUNYE UDABA:Ukhozi FM "lulaxaze" umcimbi kaMroza

Kuthiwa indawo kaGatsheni izothathwa uSbo Shangase obevame ukusebenza naye ehlazyia.

Uthombo weLANGA uthe kunezikhalazo zokufakwa kukaShangase njengoba engazelwa lutho kulo mkhakha.

Abanye abachithiwe wuBheka Phakathi, uBongani Yengwa, uVusi kunene, uJabu Mbambo noVicky Masuku.

UVeli Khumalo naye uyahamba kanti amahlebezi athi uthuthela ku-SuperSport lapho ethole khona amadlelo aluhlaza.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Morning clouds. Cool. Pta: 19-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C a few showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 14-25°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...