Lifiphele ikusasa likaJele kwiBucs

2017-11-12 13:04

Durban - Liyacikizela ikusasa lomdlali we-Orlando Pirates njengoba kuvela ukuthi le kilabhu imanqika ukwelula inkontileka yakhe ngenxa yokwehlelwa yifomu.

Inkontileka kaHappy Jele neBucs iyaphela ngoJuni wonyaka ozayo. Kuvela ukuthi iBucs imanqika ukumnika inkontileka entsha njengoba ehlelwe yifomu.

Selokhu kufike umqeqeshi omusha kwiBucs, uMilutin "Micho" Sredojevic waseSerbia, uJele isikimu usizwa ngendaba. Nabalandeli kabasamuzwisisi kahle njengoba ngesizini eyedlule bebekhala ngokuthi uyabadlisela kwazise ubesasithola isikimu.

OLUNYE UDABA: UJele uyaxolisa ngokuboshwa kwakhe

Umthombo waleli phephandaba olipotshozele lolu daba, uthe: "Inkontileka kaJele izophela ngesizini ezayo kanti iPirates imanqika ukumunika entsha njengoba neminyaka yobudala nje isingama-30.

"Kodwa-ke sizobona ngokuhmba kwesikhathi ukuthi kuzokwenzakalani ngoba ngusihlalo wekilabhu u-Irvin Khoza ozonquma ngekusasa lakhe. Bakhona nabanye abaphelelwa yizinkontileka okubhekwe isinqumo sikaKhoza ngabo."

Leli phephandaba lishayela uFloyd "Jomo" Mbele oyiMenenja Jikelele kuBucs ngalolu daba, uthe: "Umthetho wala kwiPirates umile nje kawukaze ushintshe, izinkontileka zabadlali bethu kasizixoxi nabezindaba yinto yangaphakathi.

"Kuyangithusa ukuthi kungani nikhuluma ngoJele kuphela ngoba bayisithupha abanye abadlali bethu abaphelelwa yizinkontileka. Uma sesinqumile ngekusasa labadlali abaphelelwa yizinkontileka sizomemezela."

 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...