LALELA: Kudedelwe ingoma entsha sha kaSfiso Ncwane

2017-12-07 11:00

eThekwini - Sikhunjulwe ngokudedelwa kwenye yezingoma zaso isilomo somculo wowokholo esadlula emhlabeni ngonyaka odlule ngemuva kokugula isigubhukane, kubika iLANGA.

NgoLwesibile bekuphela unyaka uSifiso Ncwane adlula emhlabeni, inkampani yakhe iNcwane Communications idedele enye yezingoma zakhe aziqophe esadla anhlamvana.

Le ngoma entsha ethi, Hamba nami baba isiyatholakala.

Ngokusho kwesikhul sale nkampani esibuye sibe wunkosikazi wakhe, u-Ayanda Ncwane, ubonge kakhulu uthando, yimithandazo kanye nemilayezo yenduduzo abayitholile bewumndani nokuyinto ebaqinise idolo.

OLUNYE UDABA: Bathi zibulawa yindlala izingane zikaSfiso Ncwane

"Kusiduduze kakhulu siwumndeni ukwazi ukuthi kasisodwa asilahlekelwe ngomyeni nobaba wezingane zami. Sibonga asiphezi ngendlela abantu abakuthathe ngayo ukushona kukababa uNcwane," kusho yena.

Uthi ezingomeni ezishiywe yilesi silomo, babone kuyilena ehambisana nesikhathi nomlayezo kubalandeli bakaSifiso.

"Le ngoba yabhalwa nguyena ubab' Ncwane futhi wayihlela ngokwakhe. Ngiyathemba ukuthi abantu bakuleli bazoyamukela nakuba engasekho emhlabeni," kuqhubeka yena.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...