Kwaphazamiseka ukufunda kulwa othisha KwaMashu

2017-03-06 12:32

Durban - Kuphume isidumbu eVuyiswa Mtolo High School KwaMashu, enyakatho yeTheku emuva kokuba umfundi oneminyaka engu-14 egwaze wabulala uzakwabo onengu-15 ubudala ngoba embize ngempohlo encane.

Kubikwa ukuthi uSthembiso Mungwe, 15, obefunda uGrade 11, uxabane nomsolwa - ozovela namuhla enkantolo - emuva kokuba emshayile wathi "uyamshekhisa" ngoba uyimpohlo encane.

Kubikwa ukuthi umsolwa ohlala ehostela laKwaMashu, uthukuthele wathelwa ngamanzi wahamba wayolanda ummese, lo agwaze ngawo umufi. Kubikwa ukuthi umgwaze inxeba elilodwa washonela endleleni ebheke esibhedlela.

OLUNYE UDABA: Bangene nezicabha esikoleni abazali becikwa othisha abalwela umjolo

Kwenzeka lesi sigameko nje, vele izinto kazihambi kahle kulesi sikole njengoba ngoMsombuluko odlule kuphazamiseke ukufunda emuva kokuba othisha belwile ngesikhathi kunomhlangano ehhovisi labo. Kuthiwa indaba isuswe wumhlangano wabazali obubizwe nguthishanhloko wakulesi sikole, uMnu Mboniseni Ndlovu, engazange akhulume nothisha - obekuyokhulunywa kuwona udaba lokubanjelwa kothisha imiholo.

Kuzokhumbuleka ukuthi ILANGA libike kabanzi ngodaba lwakulesi sikole othisha bekhala ngokubanjelwa imali emiholweni yabo kuthiwa kabafikanga esikoleni yize kade bekhona.

Kulolu daba kubikwe ukuthi othisha kabeneme ngoMnu Ndlovu abathi ubabambela izinsuku zabo athi balovile yize bebekhona esikoleni, abanye bemsola ngokubababhela izinsuku noma benayo incwadi evela kudokotela. Kuthiwa othisha babanjelwa imali ephakathi kuka-R2 500 kuya kuka-R1 600.

Le mali kuthiwa ibanjwa njalo ngenyanga kuze kube kuhlangana isamba salezo zinsuku okuthiwa bebezilovile. Kubikwe ukuthi kunomunye uthisha obanjelwe imali yize ebelaliswe esibhedlela. Emuva kwalolu daba, kuthiwa uthishanhloko ube esebhala izincwadi ebiza abazali bezingane emhlanganweni.

Umthombo weLANGA ongaphakathi kulesi sikole, uthi othisha kabatshelwanga ngalo mhlangano kodwa babone ngezingane ziphethe izincwadi ezibiza abazali emhlanganweni.

"Abanye othisha bayile kulo mhlangano wabazali kodwa banqatshelwa ukungena ngaphakathi, bagcine bengene ngenkani. Umhlangano ugcine ungaphelanga njengoba abazali bewudubile ngoba bethi kakukho okubahlanganisa nendaba yokubanjwa kwemali yothisha. NgoMsombuluko othisha babize umhlangano noMnu Ndlovu ngoba befuna kudingidwe lolu daba.

"Into ebicasula wukuthi emhlanganweni wabazali, uMnu Ndlovu uthe umyalelo wokuba kubanjwe imali yothisha abalovile uwuthole ehhovisi lesekethi - okuyinto okungamanga.

"Uvele wasukuma kusakhulunywa emhlanganweni waphuma. Kulandele iphini lakhe okuthe uma libuzwa ngomunye wozakwethu ukuthi baphumelani, labhoka ngolaka lathi makahlukane nalo, okokuqala wabulala indoda. Limjikijele ngesihlalo kwabe sekuyaxatshanwa. Ngenxa yalokhu, kuphoqelekile ukuthi izingane zikhishwe esikoleni singakashayi isikhathi ngoba zibalekiselwa ukuthi zibone leli hlazo," kusho umthombo.

Uthi isimo sibi esikoleni yize ukufunda kuqhubeka.

Okhulumela uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Sihle Mlotshwa, uthi uMnyango usingxeka kakhulu isenzo sothisha esigcine siholele ekuphazamisekeni kokufunda.

Uthi bazoxhumana nehhovisi lesifunda ukuze bathole umbiko ngalolu daba ngaphambi kokuthatha izinyathelo. 

Imizamo yokutholo uMnu Ndlovu kayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungaphendulwa.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C More sun than clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Mild. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Morning clouds. Mild. PE: 15-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...