Kuzohlangana izitabane zodumo kwehlelwe yiTheku

2017-04-10 11:01

Durban - Kuzohlangana izitabane zodumo kwingqungquthela yokuhlanganiswa komphakathi ehlelwa wuMasipala weTheku ngaphansi koMnyango wezamaPaki, ezokuNgcebeleka namaSiko, oholwa nguMnu Thembinkosi Ngcobo, kubika iphephandaba ILANGA langeSonto.

Le ngqungquthela eyenzeka minyaka yonke kuzobe kungokwesithathu kulo nyaka yenzeka, kanti kulokhu izoba ngoLwesibili mhla ziyi-11 kwephezulu.

Kulo nyaka le ngqungquthela izodingida ngomlando wabantu abamnyama nempilo yobutabane.

Ngokwesitatimende sabezindaba, izobheka ukuthi kungani abantu abaphila le mpilo bethola ukucwaswa nokuhlukunyezwa kwezinye izindawo abahlala kuzona.

OLUNYE UDABA: Uzibulele ejele owaduma nge-video yocansi nephoyisa

Inhloso yayo kubikwa ukuthi wukuhlanganisa umphakathi ngezindlela ezahlukene, ukwazi ukuhlalisana ndawonye ngaphandle kwezihibe.

Kule ngqungquthela ezoba seNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC) kuzobe kuboshelwe izitabane zodumo ezizobe zidingida ngezinto ezahlukene ezithinta impilo eziyiphilayo.

Phakathi kwalaba abazobe beyizimenywa kubalwa uSomizi Mhlongo ongumsakazi weMetro FM, obuye abe yijaji lomncintiswano wama-Idols SA, uKhaya Dladla ongumlingisi womdlalo owuchungechunge Uzalo, unontandakubukwa weTheku uTha Simelane, uMfu Zenzi Zungu noLwazi Blose Cele odume ngelikaDiva Cadach ongumsakazi weGagasi FM.

Abafuna ukuba yingxenye yale ngqungquthela kumele baxhumane noMnyango oholwa uMnu Ngcobo kulo masipala.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...