Kuzanywa amaqhinga okutshela umama kaRay Phiri ngokushona kwendodana yakhe

2017-07-12 16:01

Durban - Selokhu kuzwakale ukuthi isihlabani somculo we-afro jazz, fusion nombhaqanga, uRay Chikapa Phiri, 70, akasekho emhlabeni, abaningi bazikhumbuza igalelo lakhe ngamanoni abedume ngawo uPhiri ngenkathi ecula kwiStimela.

Amagama akhe angempela bekunguRaymond Chikapa Enock Phiri echazwa njengomculi wejazz, fusion nombhaqanga, kubika ILANGA.

Amaculo anjengo Whispers In The Deep enezinhlamvu ezithandwayo ezithi Phinda Mzala neZwakala Nganeno aya-trenda ezinkundleni zokuxhumana njengoba abalandeli beziduduza ngawo bekhala nangokugqemeka engeqiwa ntwala.

Kuthiwa uPhiri ushonele esibhedlela eNelspruit ezintathakusa zanamuhla emuva kokuxinwa wumdlavuza wamaphaphu obekulokhu kubikwa ngawo emavikini ambalwa edlule.

Wangena emculweni ngokusungula iqembu iCannibals aliqale ngama-1970s lase liguquka liba yiStimela kamuva la kwagqama khona yena uPhiri noNana Coyote (naye ongasekho). 

OLUNYE UDABA: Alokhu egeleze njalo awenduduzo ngokudlula emhlabeni kukaRay Phiri

UPhiri ushona nje amakhosikazi akhe nawo kawasekho emhlabeni. Inkosikazi yakhe yokuqala, uDaphney, washona ngo-2003 engozini yemoto eBarbeton.

UPhiri walimala kanzima entanyeni. Nenkosikazi yesibili uPhumzile ishone eminyakeni embalwa iphethwe yi-anaemia. Kuthiwa ubeseshade noRabelani Mulaudzi, abashiyana naye ngeminyaka engu-45.

Abalandeli bakhala nangokuthi umndeni wakwaPhiri bewulokhu uthwele kanzima njengoba ngaphambi kokushona uDaphney wayekade eke washayisa kwenye ingozi ngo-2002 khona eNaspoti (Nelspruit) kanti uPhiri kwayena waba sengozini embi ngo-1987 la kwashona khona amalunga ebhendi yakhe nabanye abayisithuba. 

Phakathi kwemiklomelo aseke wahlonishwa ngayo kukhona ne-Order Of Ikamanga (yesiliva) neminye.

Kunemibiko ethi umndeni wakwaPhiri usucele ukushayiswa ngomoya okwamanje njengoba usetshisa lezi zindaba ezibuhlungu.

Okhulumela umndeni wakwaPhiri uqeda kutshela abezindaba zeSABC ukuthi unina kaRay Phiri usaphila, uneminyaka eli-113. Uthi bayesaba nokumtshela ukuthi isishonile indodana yakhe, uRay.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-27°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...