Kuyindida okwehlele isilomo sikaMaskandi siphanjanelwa yingqondo

2017-10-22 11:23

eThekwini - Usesimweni esibucayi esibhedlela umculi kaMaskandi owaqopha umlando njengoMaskandi wokuqala ukuhlukanisa unyaka ngengoma yakhe.

USthembiso Mroza Fakude uqalwe wukugula ngoLwesithathu esestudiyo eGoli lapho ebelekelela khona elinye iqembu likaMaskandi liqopha i-albhamu.

Kuthiwa lo mculi uzwakale ekhuluma esekhuluma yedwa ngendlela edidayo ethi: "sekulungile akabulawe kodwa izwe kumele lazi ukuthi ubulawe wubani."

Ngokubika kwephephandaba iLANGA, lo mculi usho lawa magama ememeze kakhulu kwaze kwafika abafowabo bethi bathole umlayezo ophuma kuye ethi kunabantu abaphethe izibhamu estudiyo abafuna ukumbulala.

OLUNYE UDABA:Ucikwa ngamahlebezi okuthi uthandana noMroza uMjikijelwa.

Ngesikhathi kusachazwelwa abafowabo ngokwenzekile, uMroza uphume ngesegundane wabaleka, ugcine etholakala esiteshini samaphoyisa eJeppe.

Kuthiwa abomndeni bamthathile bamhambisa lapho ahlala khona, wavuka ngezintatha wathi uya emakhaya kwaHlabisa, kodwa kushaye uLwesine engabonwa ndawo.

Kubikelwe amaphoyisa aseJabulani eSoweto ngalokhu nawo abikela ezinye iziteshi ngoba kutholakale ukuthi umakhalekhukhwini wakhe ubusuvaliwe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild.
Jhb: 11-15°C Rain showers. High level clouds. Cool. Bloem: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 13-18°C a few showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...