Kuvuke usizi kuKomphela ezakhe zihlula iDowns

2017-10-19 12:31

Durban - Kumvusele usizi ukuhlula iMamelodi Sundowns uSteve "Mphathi" Komphela ocija iKaizer Chiefs.

IChiefs iguqise ngo-2-1 iDowns kowe-Absa Premiership ngoLwesibili kusihlwa eLoftus Stadium, ePitoli. Amagoli okunqobe ngawo iChiefs abekwe enethini ngoSiyabonga Ngezane noBernard Parker, kwathi eleDowns lona lashaywa nguThemba Zwane obekuyiphenathi.

IDowns iqede lo mdlalo ingasaphelele kukhishwa ngekhadi elibomvu uTiyani Mabunda, kubika ILANGA.

UPitso "Jingles" Mosimane ocija iDowns uthi uzomhlawulisa uMabunda ngaleli khadi elibomvu alitholile. Uzobamba ingxenye ethile emholweni wakhe ukumjezisa.

UKomphela uthi kumvusele usizi nobuhlungu ukuhlula iSundowns. "Ngaphambi kokuba sigijime lo mdlalo ngicangcathiwe ngashawa singakawudlali ngabekwa wonke amabala.

"Akekho obesinika ithuba lokuthi sizowunqoba lo mdlalo kodwa ngaphakathi kimi bengizwa ukuthi kukhona esizobuya nakho. Kuvuke usizi uma unondweba eqeda lo mdlalo kwabuya bonke lobu buhlungu nemikhonto ebijikijelwa kimi ngaphambi komdlalo.

OLUNYE UDABA: Akukho nami engingakwenza - Komphela

"Kodwa-ke impilo yebhola injalo. Ngijabule ngalo mphumela okuchaze kunakho konke yindlela esidlale ngayo emuva. Lo mdlalo besingawunqoba nangenqwaba yamagoli wukuthi besibuye sixhamazele phambili.

"Ngijabule ngoba sinikeze uSihlalo wekilabhu uKaizer Motaung isipho esimnandi njengoba kuyinyanga yakhe yokuzalwa," kusho uKomphela.

UMosimane ocija iDowns uyivume njengendoda induku. "Umdlalo ubuseqophelweni eliphezulu besihlaselana. Kodwa-ke kufanele ngivume bekufanele sihlulwe, besingeyona ingozi kangako emapalini eChiefs kanti makuhlasela yona bekuvalwa amehlo.

"Ngijabule nokho ngabadlali bami, bazamile kwashiyana ukwenza," kuphetha uMosimane.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...