Kuvuka iminjunju koweChiefs

2017-04-20 16:00

Durban - Umdlali waseZimbabwe weKaizer Chiefs udalula iminjunju nobunzima afike wabhekana nabo kule kilabhu eqhathwe neSuperSport United kwi-quarter final yeNedbank Cup ngoMgqibelo ngo-18:00 eFNB Stadium, eSoweto, kubika ILANGA.

Lo mdlalo ungomunye webhekwe ngabomvu kule mpelasonto kwazise la makilabhu avele asembangweni wesicoco se-Absa Premiership.

U-Edmore Chirambadare waseZimbabwe, odlala esiswini kwiChiefs, usezakhele ugazi kubalandeli bale kilabhu ngokudlala ingcwenga yebhola. Usebeke ngaphandle uGeorge Lebese noWilliam Twala abanga nabo indawo kule kilabhu.

Nokho izinto ziqale zamubhimbela efika kule kilabhu.

Lo mdlali uthi ufisa ukwenza ngakho konke okusemandleni ukubonga uSteve "Mphathi" Komphela ocija iChiefs ngokumuqinisa idolo ngezikhathi ezinzima.

OLUNYE UDABA: Alokhu engene njalo awenduduzo ngokushna kwesikhulu saMaZulu

UChirambadare uthe: "Ngesikhathi ngifika eNingizimu Afrika bekunzima, bengisaba ngisho ukudlala ngokukhululeka ngenxa yokusinda kwejezi leChiefs. Nabalandeli babuye bangenza ngaba novalo kakhulu, bengihhewula uma ngenza iphutha okuyinto engihlukumezile.

"Ngisizwe ngumqeqeshi nabanye ozakwethu abangiqinise idolo kunzima. Namanje kusenzinyana kodwa sengiyajwayela yingakho neminyakazo yami isiqala ukubonakala. Ngifisa ukuthi simubonge ngale nkomishi umqeqeshi wethu ngoba uyikho konke kithina.

"Kuyaye kuthi kunzima enze umsebenzi wethu ube lula. Nokho sibhekene nekilabhu enzima futhi ehlelekile. Kodwa-ke kuzofanele sikusebenzise ukuthi sidlalela ekhaya futhi sibagade emabholeni agotshiwe ngoba bayingozi.  Nginethemba lokuthi uma senze njalo noma kanjani sizowunqoba lo mdlalo."

ISuperSport izofika kulo mdlalo ivutha nje njengoba ilwela ukuvikela lesi sicoco esinqobe nyakenye iguqisa i-Orlando Pirates kowamanqamu.

Kungena eleBucs nje, yona izodudulana neBloemfontein Celtic kwi-quarter final yokugcina ngoMgqibelo ngo-20:30 e-Orlando Stadium.

Isiyonke imidlalo yama-quarter final yeNedbank Cup ihlelwe kanje:

NGOMGQIBELO

EPrincess Magogo Stadium: Lamontville Golden Arrows vs Platinum Stars 15:00 (SS4).

ENelson Mandela Bay Stadium: Chippa United vs Jomo Cosmos 15;00 (SABC1 nakwiSS9).

EFNB Stadium: Kaizer Chiefs vs SuperSport United 18:00 (SS4).

E-Orlando Stadium: Orlando Pirates vs Bloemfontein Celtic 20:15 (SS4 nakwiSABC1).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. PE: 12-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...