Kuvela okuhlukumeze uDoctor kwiChiefs

2017-08-20 17:34

Durban - Kuputshuka okubekuhlukumeza uDoctor “16V” Khumalo kwiKaizer Chiefs ayishiye wajoyina iBaroka FC njengosomaqhinga wayo.

UKhumalo uthatha lo msebenzi weBaroka nje, ubesesebenza njengenhloli yeChiefs.

Ukuya kwakhe kwiBaroka kuthuse abathandi beChiefs kwazise le kilabhu ibisifana nekhaya kuye njengoba engakaze asebenze kwenye ikilabhu yaseNingizimu Afrika ngaphandle kwaseMpofaneni.

Nokho omunye wabangani bakhe, ongathandanga ukuthi igama lakhe livezwe, unekele leli phephandaba izizathu ezishaqisayo ezenze uKhumalo washiya kule kilabhu.

“UKhumalo ukhulele kwiChiefs, wazi yonke into ngae kilabhu. Umonakalo wenzeke ngesikhathi efaka isicelo sokuqeqesha iChiefs kodwa yangayingena indaba yakhe yaqasha uSteve Komphela.

OLUNYE UDABA: UDoctor Khumalo ugixabezwe ngesiphezulu kwelePSL

“Yilapho okuqale khona konakala izinto ngoba ngisho esengumsizi kaKomphela ubesolwa ngokumudla izithende okuyinto engehlanga kahle kuyena.

“Bekungasemnandi, nomsebenzi abewenza ubengawujabuleli, ubezibona eyifenisha. Into ebisimhlalisile wukuthi ubezitshela ukuthi uKomphela uzoxoshwa kwathi uma kungenzeki wabona ukuthi ngeke akwazi ukuhlala enye isizini enza into angayiboni.

“Uyafuna ukuhola iChiefs, ufuna ukunikwa ithuba naye njengabo bonke abaqeqeshi,” esho.

Thola udaba oluphelele kwiLANGA LangeSonto.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...