Kuthungathwa oshayasibhamu abadubule abangani belinde itekisi

2017-07-11 11:01

Johannesburg – Amaphoyisa aseKagiso athi athungatha oshayasibhamu ababili abangaziwa abaqhamuke sebevulela ngenhlamvu bebhekise kubangani abebemi esitobhini sebhasi ngaseRoodepoort, entshonalanga yeGoli ngoLwesihlanu.

UCaptain Solomon Sibiya uthi la madoda amabili, abehamba ngemoto emhlophe, aqonde ngqo kula madoda amane abelinde itekisi ekhoneni lika-R41 noMpala Road ngoLwesihlanu ebusuku.

Omunye woshayasibhamu ubehlome ngesibhamu.

OLUNYE UDABA: Umphathi wabaculi bakaMaskandi udutshulwe ngezinhlamvu ezingu-15 eGoli

USibiya uthe le moto ibe isima eduzane nala bangani, abangaphakathi babe sebevulela ngenhlamvu.

Kudubuleke isisulu esisodwa emhlenzeni, kwathi lezi ezinye zakwazi ukucela empunzini.

Lo wesilisa olimele wabe esephuthunyiswa esibhedlela.

USibiya uthi imbangela yalesi sigameko ayaziwa okwamanje kepha bayaphenya.


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Sunny. Cool. Pta: 6-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-19°C Sunny. Mild. Bloem: -5-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C Sunny. Cool. PE: 10-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...