Kutholwe owesifazane enqunywe uqhoqhoqho eMsinga

2017-07-06 14:01

Durban – Uthuka izanya umphakathi waseNzala, eMsinga, maphakathi neKwaZulu-Natal emuva kokuba kutholakale owesifazane enqunywe uqhoqhoqho ungaphandle ngoLwesibili.

Kubikwa ukuthi lesi sigameko senziwe ngabafana abancan abawu-8 noneminyaka engu-20 ubudala.

Ngokuthola kweLANGA, uSendelephi “Gqezu” Ngubane, 38, ubulawe ekade evela komunye umuzi wakwaMbatha khona eMsinga, obuqamama nakwakhe.

Kubikwa ukuthi uNgubane nomama wakulo muzi abeyekuwona baphuza ndawonye nezinye izakhamuzi uma bezijabulele. Kuthiwa ngenxa yokuthi ubeseqhuba imbuzi – esedle kakhulu – kwacelwa izingane zabafana ukuba zimphelezele kanti zizomjikela endleleni zimnqume ngebhodlela zamshiya eshonile.

Umthombo weLANGA uthi izindaba zokuthi unqunywe ngebhodlela zivezwe ngumfanyana oneminyaka ewu-8 ubudala othi uphoqiwe, wasatshiswa kuthiwa makabambe izandla zikaNgubane ngesikhathi enqunywa.

OLUNYE UDABA: Udidekile okunqunywe indodana yakhe uqhoqhoqho

Umphakathi uthi kukhona okushaya amanzi nokubulawa kukaNgubane ngoba onina balezi zingane kabakhombisi ukuzwelana nomndeni ngalesi sigameko kanti kunezinsolo zokuthi banalo ulwazi ngokwenzekile kwazise ngesikhathi umphakathi ubabaza ihlazo bona bebengakhathazekile.

Kuthiwa lona oneminyaka engu-20 ubudala, ugcine esekuveza phambi kwamaphoyisa ukuthi ubethengwe abathile ezoholelwa ngembuzi emuva kokuphothula umsebenzi nakuba engalivezanga igama lomuntu. Ugcine ethathwe ngamaphoyisa eyophenywa esiteshini.

“Lo muntu (uNgubane) uhlala nezingane zakhe ezincane ngoba ngonyaka ka-2013 ushonelwe nguyise wazo ubengumuntu obeziphilisa ngokupatanisa. Kalukho udlame noma ingxabano ebikhona phakathi kwakhe nabanye endaweni ngoba ngisho uma esephuzile akayena umuntu odelelayo, ubezikhonzele ukuziculela.

“Kasiyazi le no eyenziwe yilezi zingane, kasikaze siyibone eMsinga. Sinethemba lokuthi amaphoyisa azophenya liphume lonke iqiniso uma kunetulo elikhona mhlawumbe kungesikhona ukuthi izingane beziganga,” kusho umthombo.

Thola udaba oluphelele ephephandabeni ILANGA.

 

 

 

 

 

 

 

 

 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-27°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...