Kuthiwa kade ayekhala ngokulandelwa uSindiso Magaqa

2017-07-16 17:01

Durban - Kubikwa ukuthi bese kunesikhathi ekhala ngokulandelwa yizimoto angazazi ezingenazo izinombolo owayenguNobhala-jikelele we-African National Congress Youth League (ANCYL) uMnu Sindiso Magaqa, 34, oqhululwe ngentululwane yezinhlamvu ngabantu abangaziwa.

Kusolwa ukuthi ulalelwe unyendle endaweni yangakubo e-Ibisi eMzimkhulu eningizimu yeKwaZulu Natal ngoLwesine ntambama ehleli namanye amakhansela amabili okunguNkk Jabu Mzizi noNkk Nontsikelelo Mafa bengaphakathi emotweni yakhe.

Kuthiwa bebephuma ukuyovela kamngani wabo oshonelwe esigodini saseNcambedle.

Omunye wesilisa okhulume neLANGA LangeSonto ocele ukungadalulwa uthe kuqhamuke imoto yohlobo lweMercedes Benz eyisiliva yangabuza yavulela ngenhlamvu ngaphambi kokuba ishaye izule. Kuthiwa imoto obekukhona kuyo uMnu Magaqa nalawa amanye amakhansela isale izimbobombobo yizinhlamvu.

ILANGA LangeSonto lithole ngosondelene noMnu Magaqa ukuthi lesi sigameko senzeka nje bese kunesikhathi ekhala ngezimoto ebezilokhu zimlandela njengoba ebeseze wazitholela nabaqaphi.

Kuthiwa ngesikhathi sokudutshulwa abaqaphi bebesathunyiwe ukuyothenga isiphuzo njengoba lesi sigameko senzeke ngokuphazima kweso.

Okhulumela umndeni kaMnu Magaqa uMnu Les Situta uthe uyalulama esibhedlela angathandanga ukusidalula. Uthe umndeni kaMnu Magaqa uzizwa ungaphephile, uyesaba nakuba kunesiteshi samaphoyisa endaweni.

Uveze ukuthi uMnu Magaqa udubuleke ezinyaweni, esinqeni nasengalweni. NgoLwesihlanu uNgqongqoshe wezokuPhepha KwaZulu Natal uMnu Mxolisi Kaunda nowezokuBusa ngokuBambisana nobuHoli boMdabu uNkk Nomusa Dube-Ncube bahambele endaweni yesigameko.

Basigxekile lesi senzo, banxusa ukuba abakwasidlodlo benze konke okusemandleni ukuze abenzi baso babhekane nengalo yomthetho.

Okhulumela oKlebe uBrigadier Hangwani Mulaudzi uthe okwamanje bekungakaboshwa muntu ngalesi sigameko kwazise balinde balulame abathintekayo ukuze bathole okungabasiza ukuqhuba uphenyo lwabo.

Ziyanda izigameko zokudutshulwa kubulawe osopolitiki KwaZulu Natal ikakhulukazi ezindaweni eziseningizimu yesifundazwe naseRichmond. UMgcini-mafa we-ANC kuzwelonke uDkt Zweli Mkhize uzwakalise ukukhathazeka ngalezi zehlakalo.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-13°C Mostly sunny. Cool. Pta: 16-29°C Showers early. High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C a few showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 5-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-18°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...