Kusungulwe indebe eqanjwe ngoMntwana

2017-04-10 12:30

Durban - Umholi weNkatha Freedom Party, iNkosi uMangosuthu Buthelezi, wemukele ukusungulwa kwendebe yomncintiswano webhola eqanjwe ngaye ngenkulu intokozo emcimbini obusoNdini enyakatho yeKwaZulu-Natal ngoMgqibelo kusihlwa, kubika ILANGA.

Le ndebe izokwaziwa ngegama elithi: The Prince Mangosuthu Buthelezi Legacy Cup. Izobangwa ngamaqembu amane njalo ngenyanga kaJulayi ezinkundleni zasoLundi.

Lo mcimbi wesidlo sakusihlwa ubuhlelwe yiqembu lebhola AmaZulu Football Club ngokulekelelwa nguMkhandlu waseZululand ubambisene noMasipala waseNdini.

Umcimbi ubusezingeni eliphezulu kukhona iMenenja jikelele yoSuthu uLunga Sokhela nazo zonke izikhulu zekilabhu.

OLUNYE UDABA: Umdlali uqinisekise ukuthi uzoyishiya iDowns

Ethula inkulumo, iNkosi uButhelezi ithe kukaningi iklonyeliswa ngezindodo ihlonishwa ngakho kuyisipesheli enhliziyweni yayo lokhu kwazise le kilabhu yasungulwa yiSilo uSolom kaDinuzulu ngo-1932 iseyibhobhodleyana. 

“INkosi uSolomon yasungula iZulu Royal Conquerors okuyikilabhu yebhola eyabe izinze eThekwini. Le kilabhu yabe iyigugu lesizwe samaZulu, sonke isizwe siyilandela. Nami bengingumlandeli omkhulu wale kilabhu kangangoba bengihlala ngiyibukela imidlalo yayo.

“Kungithokozise kakhulu uma imenenja jikelele yekilaabhu uSokhela ithi bazoqamba indebe ezodlalelwa ngamakilabhu ebhola ngegama lami. Ngokusho kwakhe ufise ukuba nami ngizithokozise ngomlando wami, okuyinto engingazicelelanga yona kodwa esuke kuye,” kuchaza uShenge.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 5-18°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-15°C Sunny. Cool. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-21°C Sunny. Cool. PE: 11-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...